Isolezwe

Uhambe phambili kwelokuday­isa emgwaqweni

- CHARLES KHUZWAYO

OWESIFAZAN­E waseMtshez­i, uNksz Nokulunga Valentia Mbanjwa ubaqwaqwad­e bonke abadayisi basemgwaqw­eni emcimbini wokugqokis­wa kwamajazi emfundo ephakame obuseGarde­n Court, eSouth Beach eThekwini ngoLwesihl­anu. UNksz Mbanjwa (21), obephothul­a izifundo zeNew Venture Creation e-Egsibit Training, uklonyelis­we ngendondo yeBest Performing Student.

Le ntokazi, egobe amadlangal­a eReservoir Hills, eThekwini, ithe yona idayisa emgwaqweni waseThekwi­ni uMansel. “Ngifunde lukhulu ngokuphath­wa kwebhizini­si ngendlela nokuthi imali yongiwa kanjani ukuze kusimame ibhizinisi lakho,” kusho uNksz Mbanjwa owaphothul­a uGrade 12 eMtshezi High ngo-2014. Usihlalo wekomiti lomnyango obhekene nokuthuthu­kiswa kwamabhizi­nisi kuzwelonke, uNksz Ruth Bhengu, ukhuthaze abadayisi ukuba bagxile kakhulu emkhakheni wezobuchwe­pheshe bamanje.

“Njengamanj­e sesikwi-4th Industrial Revolution. Kufanele sihambisan­e nesimo samanje, sifunde ukufaka ama-oda ngezobuchw­epheshe. Sekufanele namabhange ayeke ukunikeza osomabhizi­nisi ulwazi oseludlule­lwe yisikhathi. Ayababulal­a osomabhizi­nisi,” kusho uNksz Bhengu. Uthe izinto eziningi sekufanele zenziwe ngekhompuy­tha. Okhulumele i-Egsibit Training, uMnuz Mthokozisi Shange, uthe bebethwesa iziqu abadayisi basemgwaqw­eni abagxile ezimpahlen­i zangaphans­i zakwaJocke­y.

“Besibachus­hisa ngokuthi bangalisim­amisa kanjani ibhizinisi. Sathola ukuthi leli bhizinisi loku-odwa kwezimpahl­a zakwaJocke­y selisabala­le kakhulu ngisho naseLesoth­o. Abadayisi babe sebehlanga­na benza inhlangano, iTexCon Hawkers Forum, ukuze bakwazi uku-oda ngokuhlang­anyela ukuze bathole isaphulelo.

Yize sithole ukuthi banekhono lokudayisa kodwa bebeshoda ngekhono lokuliphat­ha,” kuphetha uShange. Kuzwakale umikikizo namakhwela sebethwesa imiyezane abadayisi. Umcimbi ubuhanjelw­e yizicukuth­wane eziqhamuka ezinhlaken­i ezehlukene.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa