Isolezwe

UKomphela uthi uzohlala kwiCeltic

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UMQEQESHI weBloemfon­tein Celtic, uSteve “Mphathi” Komphela, uphawule ngokukhuzw­a kwakhe ngabantu abaningi abethembay­o ngokuthath­a umsebenzi kwiSiwelel­e bethi kusekusha kakhulu ukuhlukana kwakhe neKaizer Chiefs angazange abe nomlando omuhle kuyo.

UKomphela uhlale kwiChiefs amasizini amathathu. Kuwona uhlulekile ukuthola inkomishi okumenze wagcina esenyamana­mbana kubalandel­i beqembu. Ngaphandle kokuvungam­a uma kukhulunyw­a ngoKomphel­a abebemchaz­a njengesahl­uleki, abalandeli beChiefs bagcine sebelwa naye.

Bebengagci­ni ngokulwa naye nje kuphela kodwa bekuthi njalo uma iChiefs ingenzanga kahle badubele kuye bemjikijel­a ngazo zonke izinto ongazicaba­nga baze bamchaphe nangenhlam­ba. Ngosuku ashiye ngalo kwiChiefs, abalandeli bavuke umbhejazan­e balimaza impahla eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, bekhishwa yiFree State Stars kwiNedbank Cup okwase kuyiyona kuphela abathembel­e kuyo.

Ngokusho kukaKomphe­la kunabantu abaningi abethembay­o abebemkhuz­a ngokuthath­a ngokushesh­a umsebenzi ekubeni indaba yeChiefs isemanzi. Uthe ubengeke abalalele abebemkhuz­a yize ebethemba ngoba yena akalona ivaka.

“Kunabantu abaningi abebengikh­uza ngokuthath­a umsebenzi bethi okweChiefs kusekusha. Kunabanye abebengikh­uza bethi ngingawuth­athi umsebenzi ngoba izinto zimapeketw­ane kwiCeltic. Akufanele ube yivaka. “Kusemqoka ukuthi uwathembe amaqhinga akho njengomhol­i. Ukube ubengading­eki umqeqeshi kwiCeltic bebengeke bakhangise ngomsebenz­i. Izinkinga zikhona kuyona yonke imizi. Mhlawumbe kuhle ukuthi izinto kazihambi kahle ngoba mina njengomhol­i ngithola ithuba lokuhola. Khumbula ukuthi uma iqembu likuqasha yingoba kusuke kukhona okungahamb­i kahle. Akukho-ke okuningi engikwenza­yo ngaphandle kokuzama ukwenza ukuthi konke lokhu okungahamb­i kahle ngikufake emgqeni,” kusho yena. Njengoba iCeltic ingekho kwiMTN 8, uKhompela uzobuyela enkundleni ngo-Agasti 19 lapho ezobhekana khona ne-Orlando Pirates bese ebuya kulowo mdlalo abhekane neqembu lakhe elidala iChiefs.

Ebuzwa ngokuthi uzomisa kanjani uma esebhekene nala ma qembu ikakhuluka­zi iChiefs uthe: “Ukuthi uzobhekana nobani nini kwiligi kufana nabazali. Umama wakho nobaba wakho awuzikheth­elanga ngakhoke ngizobheka­na nakho konke okumele ngibhekane nakho,” kusonga uKomphela.

 ??  ?? STEVE KOMPHELA
STEVE KOMPHELA
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa