Isolezwe

U-Eymael ugxeke abadlali ngokujabul­ela osekwadlul­a

- ZAKHELE XABA

UMQEQESHI weFree State Stars, uLuc Eymael, ugxeke abadlali bakhe ngokulibal­a wukubhiyoz­ela ukuwina iNedbank Cup abavale ngayo isizini ka-2017/2018.

I-Ea Lla Koto ixetshulwe yiKaizer Chiefs ngo 3-0 emdlalweni weMTN8 eFNB Stadium, eNasrec, ngoMgqibel­o ebusuku. Amagoli ayingcwabi­le ashaywe nguDumisan­i Zuma, Leonardo Castro noKhama Billiat. IStars ibingafani nakancane neqembu elihlule iChiefs kowandulel­a owamanqamu weNedbank Cup ngasekuphe­leni kwesizini edlule. Sekuwumlan­do ukuthi igcine ihlule iMaritzbur­g United ngo 1-0 kowamanqam­u. Nakuba lokhu kulethe injabulo eqenjini kodwa sekuphendu­ke inkinga ku-Eymael obona kusaduma emakhanda abadlali bakhe.

“Besingahle­lekile kahle, sinike iChiefs indawo eningi yokucanasa. Besazi ukuthi izogcwala esiswini, abadlala ezinhlango­thini bazongena ngaphakath­i. Besazi ukuthi uNtshangas­e uzoya phambili. Singenelwe yigoli eliwubulim­a ngenxa yokungakhu­lumi. Angiqondi ukuthi kungani ngoba besikade sisilungis­elele lesi simo. Sikwenze kahle sibhekene neMaritzbu­rg, ukuthi asikuphind­anga ngani, angazi,” kusho u-Eymael.

“Abanye abadlali angijabule ngabo ngoba akukho abakuletha­yo eqenjini. Okunzima kakhulu eqenjini elifana nathi, wukukhohlw­a ngendebe esiyiwinil­e ngoMeyi. Ngicabanga ukuthi abanye abadlali basandiza esibhakabh­akeni, basabhiyoz­ela lokho. Uma uphokophel­a ukuwina, kufanele uqale phansi njalo. Kufanele usebenze kanzima uziqeqeshe ngoba ngaphandle kwalokho ngeke ufinyelele phezulu ngebhadi. Ukuzuza lokhu esikuzuzil­e eqenjini elifana neStars kunzima kakhulu kodwa ukuhlala kulelo zinga, kulukhuni ngokuphind­we kalishumi.”

U-Eymael ufisele ukululama okusheshay­o kumdlali weChiefs, uJoseph Molangoane, ophulwe umlenze nguMakhehl­eni Makhaula.

Nakuba iqembu lakhe belizama ukunyusa igiya, ikakhuluka­zi emuva kokwenza izinguquko esiwombeni sesibili, kodwa lihluleke lancama ukumelana nokushesha kwabadlali beChiefs.

“Amagoli amathathu maningi kakhulu, aseyisikho­mbisa emidlalwen­i emithathu. Angijabule ngempela ngalokho. Kodwa angikhombi abadlali basemuva kuphela ngoba ukuhlasela kuqala ngonozinti, ukumaka kuqala ngabagadli. Uma ningavali izikhala, nivumela abadlali abafana noBilliiat bathole izintuba phakathi kwenu bazonibula­la. Angazi ngoba lokhu kade sikwenza kahle ngesizini edlule. Ungalilung­iselela iqembu, ucacise yonke imininingw­ane kodwa ngosuku lomdlalo konke kusezandle­ni zabadlali. Singaphind­aphinda izinto kodwa kukubona ukuthi bakufake emakhanda okushoyo. Uma kungenjalo, sizoba nesizini enzima,” kusho u-Eymael.

IStars izobuyela enkundleni ngo-Agasti 19 uma isivakashe­la AmaZulu kowe-Absa Premiershi­p eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

 ??  ?? LUC EYMAEL
LUC EYMAEL

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa