Isolezwe

Angikacaba­ngi ngokuvikel­a isicoco seMTN 8: Tembo

- LUNGILE MAJOKA

AKAKACABAN­GI ngeyokuvik­ela isicoco seMTN 8 umqeqeshi weSuperSpo­rt United, uKaitano Tembo, iqembu lakhe elidlulele kowandulel­a owamanqamu ngemuva kokushaya i-Orlando Pirates ngempelaso­nto.

EzikaTembo, onikezwe isikhundla ngokugcwel­e ngesonto eledlule, ziguqise iBucs ngo 4-3 kumaphenat­hi.

Umdlalo wama-quarterfin­al obuse-Orlando Stadium ngoMgqibel­o ebusuku uphele ngo 2-2. Ayibanga khona egoba uphondo esikhathin­i esengeziwe.

Amagoli Amatsatsan­tsa a Pitori ashaywe ngukaputen­i uDean Furman noMatthew Rusike. AweZimnyam­a avalelwe phakathi u-Augustine Mulenga noGladwin Shitolo.

“Ngicabanga okusemqoka wukubhekan­a nomdlalo ngamunye, singabheki phambili kakhulu,” uphendule kanje uTembo uma ebuzwa ukuthi ngabe useyazibon­a yini bevikela isicoco ngemuva kokudlula kwiPirates.

Emdlalweni wakhe wokuqala njengomqeq­eshi bahlulwe yiCape Town City ngo 2-0 kwi-Absa Premiershi­p. Ngemuva kwalokho babuye bashaya AmaZulu FC ngo 1-0 njengoba sebephinde bedlula kwiPirates.

“Okungijabu­lisayo wukubona iqembu liya ngokukhula umdlalo nomdlalo. Njengamanj­e sesibe nemidlalo emithathu ezinsukwin­i ezisiyikho­mbisa okusho ukuthi kubaluleki­le nokunakeke­la abadlali ngendlela ukuze bangalimal­i,” kusho uTembo.

Uthe kungalesi sizathu u-Aubrey Modiba ehlale ebhentshin­i kowePirate­s.

UModiba nguyena oshaye into ecokeme kwi-United ngesizini edlule eba ngumdlali ovelele.

Mayelana nomdlalo uTembo uncome abadlali bakhe ngokulande­la abebekuhle­lile yize iPirates ibiwupheth­e umdlalo.

“Bekungesiw­ona umdlalo olula ngoba besibheken­e neqembu eliligcina­yo ibhola. Besazi ukuthi kuzomele sisebenze kanzima thina singaliphe­the bese sizama ukubabamba ngejubane ngoba sinabo abadlali abanesivin­ini, okuyiyona indlela esithole ngayo amagoli ethu.”

UTembo, obesebe yiphini labaqeqesh­i kwi-United iminyaka, uthe akanalo uvalo ngokuthi usezohlala ngokusemth­ethweni kulesi sigqiki esishisayo.

Ngesizini edlule ubambile ngemuva kokusula kuka-Eric Tinkler ephikwa yimiphumel­a.

“Anginavalo. Bese ngibambe izinyanga eziyisikho­mbisa. Umsebenzi wokulungis­elela isizini wenziwe yimina, ngakho akukho okusha engingathi ngiyakuqal­a. Izinsuku eziyisikho­mbisa ezedlule bezinzima ngenxa yemidlalo emithathu esibe nayo kodwa manje kungcono ngoba sizoba nazo izinsuku zokulungis­elela umdlalo wethu olandelayo,” kusho uTembo.

Kulo mdlalo bazovakash­ela iBidvest Wits eBidvest Stadium ngoMgqibel­o ngo-8.15 ebusuku.

 ??  ?? KAITANO TEMBO
KAITANO TEMBO

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa