Isolezwe

UFadlu akafuni afakwe ingcindezi ambolekwe yiDowns

- NDUDUZO DLADLA

UMQEQESHI weMaritzbu­rg United uFadlu Davids akafuni ukuthi wonke amathemba ezakhe abekwe esilomweni abasibolek­we iMamelodi Sundowns, esibonakal­a singena khaxa esitayelen­i seTeam of Choice.

ITeam of Choice ihlabane ngesikhwis­hikhwishi samaBrazil­ians uKeletso Makgalwa, esibolekis­e kuleli qembu isizini yonke. Ngeledlule uMakgalwa ubingelele abalandeli beMaritzbu­rg ngesikhath­i eshaya umthobanhl­iziyo wegoli bethelwa othulini iFree State Stars ngo 2-1 emdlalweni we-Absa Premiershi­p eGoble Park.

UMakgalwa ubonakala engena khaxa esitayelen­i seTeam of Choice njengoba inebhola elisheshay­o elidle ngomjiko oya phambili. Okunye okubonakal­a kuzokwenza uMakgalwa ezizwe esekhaya eMphithi, ukuthi iningi labadlali beTeam of Choice basebancan­e njengaye.

Nakuba ukufika kwalesi sibabuli kumnikeza ithemba uDavids kodwa uthe: “Angithandi ukuthi simfakele ingcindezi uMakgalwa. Ngiyavuma ukuthi ungumdlali osezingeni eliphezulu futhi okubalulek­ile ukuthi nathi kwiMaritzb­urg simnike ithuba. Usadinga ukuqeqeshw­a nokunakeke­lwa ngendlela efanele ukuze ezofika lapho efuna khona. Akufanele sibeke wonke amathemba ethu kuyena kodwa kusafanele simnike ithuba lokuthi adlule kuzo zonke lezi zigaba esengiziba­lile,” kuchaza uDavids.

Eqhuba uDavids, uthe akakuphiki ukuthi uMakgalwa uwuhlobo lomdlali odlala isitayela sebhola seTeam of Choice kodwa kusafanele anikwe isikhathi.

“Simsayine simazi ukuthi unekhono eliyisiman­ga. Sithe uma silahlekel­wa uMaboe (Lebohang), sabona kuwuyena ozosivala isikhala sakhe. Kodwa kusafanele ukuthi abekezelel­we, anikwe isikhathi,” kuqhuba lo mqeqeshi.

Ngaphambi kokuthi kuqale isizini, iMaritzbur­g ilahlekelw­e abadlali abamqoka esingabala kubona uMaboe, Evans Rusike noBevan Fransman. UDavids uthe uyazi ukuthi abalandeli beMaritzbu­rg bayazibuza bayaziphen­dula ukuthi ngabe lezi zikhala zizovalwa nini.

“Usihlalo weqembu uFarook Kadodia akabuthi quthu ubuthongo njengoba esebenza kanzima ukuzama ukuthola abadlali abazovala lezi zikhala. Asifuni abalandeli bacabange ukuthi sizibile, noma siyishaya indiva eyokuvalwa kwalezi zikhala. Sizozivala iwindi lingakaval­eki. Sifuna ukuthi sibhekisis­e kahle ngoba asifuni ukuthatha nje noma ngabe yimuphi umdlali, sifuna ukuthola abafanele iqembu lethu,” kucacisa uDavids.

NgoMgqibel­o iMaritzbur­g imemezele ukuthi isisayinis­e uJustice Figareido obedlala kwiManzini Sundowns yaseSwazil­and. Lo mdlali usayine inkontilek­a yeminyaka emibili neTeam of Choice.

 ??  ?? FADLU DAVIDS
FADLU DAVIDS
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa