UKomphela uthi uzohlala kwiCeltic
UMQEQESHI weBloemfontein Celtic, uSteve “Mphathi” Komphela, uphawule ngokukhuzwa kwakhe ngabantu abaningi abethembayo ngokuthatha umsebenzi kwiSiwelele bethi kusekusha kakhulu ukuhlukana kwakhe neKaizer Chiefs angazange abe nomlando omuhle kuyo.
UKomphela uhlale kwiChiefs amasizini amathathu. Kuwona uhlulekile ukuthola inkomishi okumenze wagcina esenyamanambana kubalandeli beqembu. Ngaphandle kokuvungama uma kukhulunywa ngoKomphela abebemchaza njengesahluleki, abalandeli beChiefs bagcine sebelwa naye.
Bebengagcini ngokulwa naye nje kuphela kodwa bekuthi njalo uma iChiefs ingenzanga kahle badubele kuye bemjikijela ngazo zonke izinto ongazicabanga baze bamchaphe nangenhlamba. Ngosuku ashiye ngalo kwiChiefs, abalandeli bavuke umbhejazane balimaza impahla eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, bekhishwa yiFree State Stars kwiNedbank Cup okwase kuyiyona kuphela abathembele kuyo.
Ngokusho kukaKomphela kunabantu abaningi abethembayo abebemkhuza ngokuthatha ngokushesha umsebenzi ekubeni indaba yeChiefs isemanzi. Uthe ubengeke abalalele abebemkhuza yize ebethemba ngoba yena akalona ivaka.
“Kunabantu abaningi abebengikhuza ngokuthatha umsebenzi bethi okweChiefs kusekusha. Kunabanye abebengikhuza bethi ngingawuthathi umsebenzi ngoba izinto zimapeketwane kwiCeltic. Akufanele ube yivaka. “Kusemqoka ukuthi uwathembe amaqhinga akho njengomholi. Ukube ubengadingeki umqeqeshi kwiCeltic bebengeke bakhangise ngomsebenzi. Izinkinga zikhona kuyona yonke imizi. Mhlawumbe kuhle ukuthi izinto kazihambi kahle ngoba mina njengomholi ngithola ithuba lokuhola. Khumbula ukuthi uma iqembu likuqasha yingoba kusuke kukhona okungahambi kahle. Akukho-ke okuningi engikwenzayo ngaphandle kokuzama ukwenza ukuthi konke lokhu okungahambi kahle ngikufake emgqeni,” kusho yena. Njengoba iCeltic ingekho kwiMTN 8, uKhompela uzobuyela enkundleni ngo-Agasti 19 lapho ezobhekana khona ne-Orlando Pirates bese ebuya kulowo mdlalo abhekane neqembu lakhe elidala iChiefs.
Ebuzwa ngokuthi uzomisa kanjani uma esebhekene nala ma qembu ikakhulukazi iChiefs uthe: “Ukuthi uzobhekana nobani nini kwiligi kufana nabazali. Umama wakho nobaba wakho awuzikhethelanga ngakhoke ngizobhekana nakho konke okumele ngibhekane nakho,” kusonga uKomphela.