U-Eymael ugxeke abadlali ngokujabulela osekwadlula
UMQEQESHI weFree State Stars, uLuc Eymael, ugxeke abadlali bakhe ngokulibala wukubhiyozela ukuwina iNedbank Cup abavale ngayo isizini ka-2017/2018.
I-Ea Lla Koto ixetshulwe yiKaizer Chiefs ngo 3-0 emdlalweni weMTN8 eFNB Stadium, eNasrec, ngoMgqibelo ebusuku. Amagoli ayingcwabile ashaywe nguDumisani Zuma, Leonardo Castro noKhama Billiat. IStars ibingafani nakancane neqembu elihlule iChiefs kowandulela owamanqamu weNedbank Cup ngasekupheleni kwesizini edlule. Sekuwumlando ukuthi igcine ihlule iMaritzburg United ngo 1-0 kowamanqamu. Nakuba lokhu kulethe injabulo eqenjini kodwa sekuphenduke inkinga ku-Eymael obona kusaduma emakhanda abadlali bakhe.
“Besingahlelekile kahle, sinike iChiefs indawo eningi yokucanasa. Besazi ukuthi izogcwala esiswini, abadlala ezinhlangothini bazongena ngaphakathi. Besazi ukuthi uNtshangase uzoya phambili. Singenelwe yigoli eliwubulima ngenxa yokungakhulumi. Angiqondi ukuthi kungani ngoba besikade sisilungiselele lesi simo. Sikwenze kahle sibhekene neMaritzburg, ukuthi asikuphindanga ngani, angazi,” kusho u-Eymael.
“Abanye abadlali angijabule ngabo ngoba akukho abakulethayo eqenjini. Okunzima kakhulu eqenjini elifana nathi, wukukhohlwa ngendebe esiyiwinile ngoMeyi. Ngicabanga ukuthi abanye abadlali basandiza esibhakabhakeni, basabhiyozela lokho. Uma uphokophela ukuwina, kufanele uqale phansi njalo. Kufanele usebenze kanzima uziqeqeshe ngoba ngaphandle kwalokho ngeke ufinyelele phezulu ngebhadi. Ukuzuza lokhu esikuzuzile eqenjini elifana neStars kunzima kakhulu kodwa ukuhlala kulelo zinga, kulukhuni ngokuphindwe kalishumi.”
U-Eymael ufisele ukululama okusheshayo kumdlali weChiefs, uJoseph Molangoane, ophulwe umlenze nguMakhehleni Makhaula.
Nakuba iqembu lakhe belizama ukunyusa igiya, ikakhulukazi emuva kokwenza izinguquko esiwombeni sesibili, kodwa lihluleke lancama ukumelana nokushesha kwabadlali beChiefs.
“Amagoli amathathu maningi kakhulu, aseyisikhombisa emidlalweni emithathu. Angijabule ngempela ngalokho. Kodwa angikhombi abadlali basemuva kuphela ngoba ukuhlasela kuqala ngonozinti, ukumaka kuqala ngabagadli. Uma ningavali izikhala, nivumela abadlali abafana noBilliiat bathole izintuba phakathi kwenu bazonibulala. Angazi ngoba lokhu kade sikwenza kahle ngesizini edlule. Ungalilungiselela iqembu, ucacise yonke imininingwane kodwa ngosuku lomdlalo konke kusezandleni zabadlali. Singaphindaphinda izinto kodwa kukubona ukuthi bakufake emakhanda okushoyo. Uma kungenjalo, sizoba nesizini enzima,” kusho u-Eymael.
IStars izobuyela enkundleni ngo-Agasti 19 uma isivakashela AmaZulu kowe-Absa Premiership eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.