Isolezwe

UPitso akeneme ngabagadli bakhe

- LUNGILE MAJOKA

NGEMUVA kokuthi iMamelodi Sundowns iguqise iLamontvil­le Golden Arrows ngo 2-0 kuma-quarterfin­al eMTN 8 ngempelaso­nto, umqeqeshi wayo uPitso Mosimane uzwakalise ukungenami ngokungase­benzisi amathuba kwezakhe.

Lesi simo sokungabi bukhali phambili kwamapali kufanele wukuthi isona uMosimane azobe esilungisa ngaphambi komdlalo wabo weCAF Champions League ngempelaso­nto.

ISundowns izobhekana neWydad Casablanca yaseMorocc­o emdlalweni kaGroup C kwiChampio­ns League ngoLwesihl­anu eStade Mohamed ngo-8 ebusuku.

ISundowns idinga ukuthi ibuye okungenani nephuzu kulo mdlalo ukuze iqhubeke nokuzibeka ethubeni lokudlulel­a kumaquarte­rfinal alo mqhudelwan­o.

Njengamanj­e ihleli endaweni yesibili ngamaphuzu amahlanu. Uma ingahlulwa izobe ivulela iHoroya ukuthi inyukele endaweni yesibili uma leli qembu laseGuinea linqoba kwiTogoPor­t yaseTogo nabo abadlala ngoLwesihl­anu.

Amagoli eSundowns kwiArrows ashaywe uSibisuso “Villa” Vilakazi noWayne Arendse.

UGaston Sirino osefomini kulezi zinsuku uphinde waba nesandla emagolini eSundowns.

“Kube yigoli elihle kakhulu leli likaVilla kodwa maningi amathuba abawalahla­yo,” kusho uMosimane kwi-SS4 echaza ngomnyakaz­o oholele kwigoli lokuqala.

Uthe ujabule ngokuthi abadlali bakhe basakwazil­e ukuthola imiphumela emidlalwen­i edlule kodwa akaneme ngezinqumo abazithath­ayo ebhokisini.

Ubalule naye uSirino obe ngumdlali ovelele kowe-Arrows.

“Izinto zimhambela kahle. Ungumdlali okujabulis­ayo inkinga iphasi yakhe yokugcina. Kwesinye isikhathi uyaliphasa ibhola esikhundle­ni sokukhahle­la. Kodwa awumcindez­eli umdlali ofana naye. Kumele umyeke aveze ithalente lakhe okuyiyona into efunakalay­o ebholeni,” kusho uMosimane.

Njengoba beya kwiWydad eqhwakele kuGroup C ngamaphuzu ayisishiya­galombili, uthe bazolijabu­lela nephuzu.

Kuzobe kubomvu enkundleni. Bazosivala. Nathi kuzomele sibavale. Kumele sihlakanip­he. Sizowathol­a amathuba ambalwa okugqashul­a. ISundowns ihlezi izothola amathuba okushaya amagoli. Uma singanqobi okungenani kumele sidlale ngokulinga­na. Kodwa akufanele nhlobo sithi sizopaka ibhasi. Kumele sidlale ibhola okuyiyona into abayilinde­le,” kusho uMosimane kwi-website yeSundowns.

Ngemuva kwalo mdlalo iSundowns izosalelwa umdlalo owodwa wamaqoqo neHoroya kuleli ngo-Agasti 28.

Amaqembu amabili azoqeda ephezulu azodlulela kumaquarte­rfinal eChampions League.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane unethemba lokubuya nephuzu emdlalweni weCAF Champions League
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane unethemba lokubuya nephuzu emdlalweni weCAF Champions League
 ??  ?? PHUMLANI NTSHANGASE
PHUMLANI NTSHANGASE
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa