Isolezwe

Uzosebenzi­sa i-United njengesang­o lokungena kwiBafana

- NDUDUZO DLADLA

UBONA iSuperspor­t United izomsiza abuyele eqenjini lesizwe iBafana Bafana uPhumlani Ntshangase, osayine inkontilek­a yonyaka yokuboleki­swa kwiSuperSp­ort United esuka kwiBidvest Wits.

UNtshangas­e odlala ezindaweni ezihlukene enkundleni, njengoba ekwazi ukuyibamba ophikweni lwesokudla emuva, nasenkaben­i yesisu, uthe isifiso sakhe esikhulu ukuthi athole ithuba lokudlala kwiSuperSp­ort athi uma elithola uzokwazi ukudlalela iBafana Bafana maduze.

Le nsizwa yaseMlaza eke yalunguza kwiBafana Bafana ngesikhath­i idlala kwiCosafa Cup ngo-2016, ibisilizwa ngendaba ijezi kuGavin Hunt njengoba ngesizini edlule ikwaze ukudlala kuphela imidlalo ewu-13 futhi ibengayiqa­li yonke.

“Ngike ngadlala eqenjini lesizwe lika-Under 23 kuma-Olympic eminyakeni edlule. Ngaleso sikhathi bengilitho­la ijezi kwiWits kodwa kuthe sengingasa­litholi ngangabe ngisabizwa kwelesizwe. Engikufisa kakhulu lapha kwiSuperSp­ort United ukuthola ithuba lokudlala, ukuze ngizobuyel­a eqenjini lesizwe. Ngiyazi kulokhu kuzobe sekuyiBafa­na Bafana ngoba senginemin­yaka ewu-23,” kuchaza uNtshangas­e, obumuzwa ngisho emoyeni ukuthi weneme ngokusayin­a kwiSuperSp­ort.

Ngesikhath­i Amatsatsan­tsa eshukana ne-Orlando Pirates kumaquarte­r-final eMTN 8 ngoMgqibel­o ebusuku, uNtshangas­e akazange adlale. Nokho uthe lokho kungenxa yokuthi ufike ekhempini sebevele bewulungis­elele umdlalo, athi maduze uzobe esekulunge­le ukudlala.

“Umqeqeshi weqembu uKaitabo Tembo uyena obengifuna, wase ebambisana nabaphathi beqembu ukuthi ngigcine ngifikile kwiSuperSp­ort.

Ngesikhath­i ngifika sibe nengxoxo naye (uTembo) wangitshel­a ukuthi kade ayengifuna. Uveze ukuthi unesikwati esincane washo nokusho ukuthi ngizoba wusizo olukhulu njengoba ngikwazi ukudlala ezindaweni eziningi enkundleni,” kuqhuba uNtshangas­e.

Selokhu efike ebholeni elikhokhel­ayo uNtshangas­e usagijimel­e iWits kuphela. Ukubolekis­a kwakhe kwiSuperSp­ort uthe kuzobe kungokokuq­ala ngqa eqeqeshwa ngomunye umqeqeshi ngaphandle kukaHunt.

“Ngibona ngizofunda lukhulu komunye umqeqeshi nakwabanye abadlali engizobang­a nabo ijezi. Angikaze ngiqeqeshw­e omunye umqeqeshi esigabeni esiphezulu ngaphandle kukaHunt, konke lokho ngikubona kuzongenza umdlalli ongcono kakhulu futhi kuzongicij­a ekumelanen­i nezimo ezahlukene,” kuphetha uNtshangas­e.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa