USredojevic imphoxile indlela abashaywe ngayo
USALE ephoxekile ebalisa nangendlela abangenelwe ngayo ngamagoli umqeqeshi we-Orlando Pirate, uMilutin “Micho” Sredojevic, ngemuva kokuwashiswa ijezi yiSuperSport United emdlalweni we-quarterfinal yeMTN 8 ngempelasonto.
I-Pirates ihlulwe ngo 4-3 kumaphenathi ngemuva kokuthi umdlalo obuse-Orlando Stadium ngoMgqibelo ebusuku uphele ngo 2-2.
Amagoli ashaywe NGu-Augustine Mulenga noGladwin Shitolo aweZimnyama. UDean Furman noMatthew Rusike bashaye awe-United.
I-Pirates ithole iphenathi esikhathini esengeziwe eshaywe uMulenga kodwa wayivimba unozinti waMatsatsantsa a Pitori, uRonwen Williams.
Kumaphenathi uWilliams ukuphindile lokho evimba iphenathi ka-Innocent Maela kwathi uThembinkosi Lorch eyakhe wayishaya yaphuma phezulu kwamapali.
“Amaqembu womabili abazana kahle kodwa senza iphutha elingamulekile neze sivula isikhala phambi kodonga okuyindawo ebucayi. Siphinde senza iphutha elifanayo nasegolini lesibili. Nathi sibuyile sashaya igoli lesibili siwuphethe umdlalo sifuna elokuwina ukuze umdlalo uphele esikhathini esijwayelekile ngoba amaphenathi ahlezi eyi-lotto.
“Ngesikhathi siya kumaphenathi ngemuva kokuyishweba bese sihlalelwe wumsebenzi wokukhuthaza abadlali ngokomqondo. Ngebhadi-ke asidlulelanga phambili okuyiyona into ebesiyifuna,” kusho uSredojevic.
Uthe isifundo aphume naso kulo mdlalo wukuthi ibhola alikuniki lokho okukufanele.
Ngokomqeqeshi odabuka eSerbia, asikho isikhathi sokukhala kodwa kumele bavuke bazithathe.
NgoLwesithathu iPirates izokwamukela iBidvest Wits emdlalweni we-Absa Premiership e-Orlando Stadium ngo-7.30 ebusuku. “Siphoxeke kakhulu. Kodwa kumele sivuke sizithathe. Imidlalo yeligi iyaqhubeka ngoLwesithathu. Kuzomele siqine emiqondweni sikwazi ukuthola amandla okuzithintitha, sidlule kulokhu kuphoxeka,” kusho uSredojevic.
I-Pirates ibidlala kwiMTN 8 ngemuva kokuqeda endaweni yesibili kwi-log ngesizini edlule. Nyakenye ayizange ibe khona emqhudelwaneni ngenxa yokuthi yaqeda endaweni ka-11 ngo-2016/2017.
EZimnyama zagcina ukuphakamisa indebe ngo-2014 zinqoba iNedbank Cup.
Kule sizini azikashaywa kwiligi, ziqale ngokudlala ngokulingana neHighlands Park. Zithole amaphuzu amathathu kwiChippa United njengoba seziya kwiWits esayinqobe yomibili imidlalo yayo yokuvula iligi.
Ompetha beligi ba-2016/2017 bavulele isibhaxu sika 3-0 kwiFree State Stars, bathela phansi iKaizer Chiefs ngo 3-1.