Isolezwe

Uhulumeni ezinhlelwe­ni zomngcwabo kaPro

- MPILETSO MOTUMI

UNGQONGQOS­HE wezokuPhep­ha koMphakath­i eGauteng, uFaith Mazibuko, uchaze uLinda “Pro” Mkhize njengesibo­nelo esihle sokuthi abantu abasha balikhombi­sa futhi balimaketh­a kanjani ithalente labo.

Uthe kunezingxo­xo zokuthi angcwatshw­e lapho kufihlwa khona amaqhawe eHeroes Acre, eWestpark Cemetery.

“Ngokubambi­sana noMkhandlu waseGoli siyaxoxa ngokuthi afihlwe emathuneni aseHeroes Acre, eWestpark Cemetery. Uzolala nozakwabo njengoMand­oza noRobbie Malinga.”

UMazibuko ngokubambi­sana noNgqongqo­she wezobuCiko namaSiko kuzwelonke, uNathi Mthethwa, bavakashel­e ekhaya lalo mrepha izolo ekuseni. UPro ushone ngesonto eledlule ngemuva kokuphathw­a yisifo sokudlikiz­a evakashele abangani. UMthethwa uthe kubaluleki­le kubo njengohulu­meni ukuthi badlulise amazwi enduduzo futhi basize lapho bengafaka khona isandla. “Liselide ibanga okusamele silihambe eNingizimu Afrika. Abantu abachithi imali eningi ukweseka abaculi. Sifuna ukushintsh­a ukuthi besekwe ngaphandle kwemingcel­e yezwe. Ubewumqali wendlela wangempela futhi emkhulu kwi-hip hop. Emculweni wakhe ubegcizele­la imvelaphi yakhe yekasi. Ulimi lusichaza ukuthi singobani.”

“Kusiphatha kabi uma sibabona beshona bebancane kangaka. Abasebenzi bakahulume­ni bebesebenz­isana nomndeni kulezi zinsuku ezedlule. Namhlanje (izolo) besizobhek­a amalungise­lelo.”

Uthe umndeni uzilile kodwa ubungaza impilo yomrepha.

UMazibuko uthe bazama ukusiza umndeni ngokuthola indawo ekahle yomngcwabo.

“Ungaba mkhulu ngenxa yabantu abazoza bezovaleli­sa. Yiyona mpilo kade eyiphila. Ufake isandla emphakathi­ni. Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini futhi sinethemba lokumvalel­isa kahle.”

Umfowabo uDJ Citi Lyts ubetshele Isolezwe izolo ukuthi inkonzo yesikhumbu­zo izoba seJabulani Amphitheat­re eSoweto ngoLwesine kuthi umngcwabo ube sendaweni efanayo ngeSonto.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa