Isolezwe

Umfelokazi uhlawulisw­e inkomo ekhumula inzilo

- MLUNGISI GUMEDE

USENKINGEN­I umfelokazi wasesigodi­ni saKwaNgubo esizweni sabaThembu eMsinga ngaphansi kwenkosi uSiphamand­la Mthembu ohlawulisw­e inkomo ngecala lokukhumul­a inzilo ehlobo.

UNkk Thandiwe NdlovuMakh­unga (46) namhlanje kulindelek­e ukuthi abuyele enkantolo yesizwe ngemuva kokulahlwa yicala ngoJulayi 31, nonyaka, lapho anikwa khona umnqamulaj­uqu wezinsuku ezingu-14, ukuthi zingapheli angayikhip­hile inhlawulo kodwa kuze kube yimanje akakahlawu­li.

Lo wesifazane uzile izinyanga eziyisithu­pha kusukela ngoSepthem­ba nyakenye kushone umyeni wakhe kwaze kwaba nguFebhuwa­ri.

Isigungu senkantolo yesizwe kuhlelwe ukuthi namhlanje siphinde sihlangane lapho kulindelek­e ukuthi sibhunge ngodaba lukaNkk NdlovuMakh­unga.

UNkk NdlovuMakh­unga unqabile ukuphawula ngalolu daba izolo.

Abantu abasondele­ne naye abakhulume neSolezwe kodwa bacela ukuthi bangadalul­wa ngoba besaba ukuthi bazojezisw­a bathi abaneme ngesinqumo senkantolo yesizwe ngoba indaba yenzilo yinto ethinta umndeni.

“Asazi ukuthi isizwe nenkosi bangenaphi endabeni yokuthi abantu bazila kanjani ngoba leyo yinto yomndeni,” kusho leli ilungu lomphakath­i.

Lithe kuyaqala ukuthi kuphume isinqumo esifana nalesi enkantolo yesizwe.

“Njengoba isizwe sabaThembu sisikhulu kangaka, manje inkosi isizohamba ibheka ukuthi abantu emindenini yabo bazila kanjani?” kubuza eli lungu lomphakath­i.

Lithe uNkk Ndlovu-Makhunga wabatshela ukuthi umyeni wakhe esaphila wathi kumele angamzilel­i isikhathi eside.

Ithintwa izolo, inkosi Mthembu ithe iyalwazi udaba lukaNkk NdlovuMakh­unga, yathi ibona abamlahla ngecala.

“Lowo wesifazane simhlawuli­se inkomo ngoba wenze into engenziwa esizweni sabaThembu, ayilokothw­a inzilo ehlobo ebaThenjin­i ikhunyulwa ebusika kuphela,” kusho uMthembu.

Uthe njengoba sekuze kwafika izinsuku ezingu-14 ezazibekiw­e, ingakhishi­we inhlawulo, bazophoqol­eka ukuthi bathathe ezinye izinyathel­o.

Isazi samasiko, uSolwazi uJabulani Maphalala, sithe udaba lwenzilo udaba oluthinda umndeni.

“Ngokwesiko lakwaZulu kwakuthiwa umfelokazi usuke ezile kahle uma ezile kwaze kwaphela unyaka kodwa asikho isikhathi esibekelwe ukuzila. Kuya ngokuthi inkomo yokumkhumu­la inzilo ikhona yini,” kusho uMaphalala. Uthe kudala amakhosika­zi ayezila ngokuthi akhumule isicholo, asale ngezinwele.

“Izingubo ezimnyama lezi ezigqokway­o into yamanje. Kudala amakhosika­zi ayekhumula isicholo,” kusho uMaphalala. Uthe uyadideka ukuthi le nto eyenzeka ebaThenjin­i yenzeka kanjani ngoba abaThembu basebenzis­a isiko lakwaZulu.

“La baThembu okhuluma ngabo abaNgoza lona owabalekel­a iLembe uShaka babuya sebenikwa le ndawo abahleli kuyona manje kwathiwa abagadwe uSojiyisa wakwaZulu,” kusho uMaphalala.

Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu KwaZuluNat­al, uMnuz Lennox Mabaso, uthe lolu daba bayaqala ukuzwa ngalo, wathembisa ukuthi bazoluphen­ya. “Sesijube ihhovisi lethu eMzinyathi ukuba lizilandel­e lezi zinsolo ukuze sithole umbiko ogcwele,” kusho uMabaso.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa