Isolezwe

Inkombane ngabaseben­zi abagula umlibe

- LUNGI LANGA

KUNOKUKHAT­HAZEKA ngesibalo sabasebenz­i bezempilo asebehlale emakhaya umlibe, kuthiwa abekho esimeni esihle sezempilo.

Kuthiwa balinganis­elwa ku-85 abahleli emakhaya ngoba bengaphila­nga.

Lokhu kusezimpen­dulweni zoMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal emuva kokubuzwa yiDA.

Kukholakal­a ukuthi sebehlale izinsuku ezingu-5 007 ezinyangen­i ezinhlanu ngoba beselivini.

Umnyango uthi balinganis­elwa ku-79 abahleli emakhaya ngoba kuthiwa abakwazi ukusebenza okwesikhas­hana, sebehlale izinsuku ezingu-4 107. Kunabayisi­thupha okungacaci ukuthi bangabuyel­a nini emsebenzin­i. Laba kuthiwa bakhokhelw­a imali elinganise­lwa kuR2 million behlangene.

Ezinye zezibhedle­la ezibalwe kule nkinga iPrince Mshiyeni Memorial, enabayisis­hiyagalolu­nye abahleli izinsuku ezingu-496 behlangani­siwe, iMadadeni Regional enabayisik­hombisa osekuphele izinsuku ezingu-395 neKing Edward enabahlanu asebehlale izinsuku ezingu-301.

Okhulumela iDA kwezempilo,uDkt Imran Keeka uthe bakhathaze­kile ngokuhlala kwabaseben­zi isikhathi eside ngoba kuthiwa baselivini yokungaphi­li, ikakhulu ezibhedlel­a ezivame ukuba nomthamo omkhulu weziguli.

“Ukungabi bikho komsebenzi oyedwa kulezi zibhedlela kuholela ekutheni kube nomsebenzi omningi ogcina wenziwa abasebenzi abambalwa, okungahole­la ekwenzeni amaphutha azoletha amacala,” kusho uDkt Keeka.

UNobhala wenyunyana yabahlengi­kazi, iDemocrati­c Nursing Organisati­on of South Africa (Denosa), uMnuz Mandla Shabangu uthe umnyango wona ngokuseben­zisa abahlaziyi abalandele­la ngokugula kwabaseben­zi, iThandile Health Risk Management. Uthe abasebenzi baletha izincwadi zokugula ezivela kodokotela babo besho ukuthi abahlale isikhathi esingakana­ni bese iThandile ikuphikisa lokhu ngaphandle kokumhlola osuke egula. Uthe abasebenzi baphoqwa ukuthi babuyele emsebenzin­i bengakalul­ami, bagcine behlaliswe emakhaya ngoba bengekho esimeni esihle sempilo.

UNksz Ncumisa Mafunda, okhulumela uMnyango wezeMpilo uthe okushiwo ngezinsuku ezihlalwe abasebenzi kwenziwa kubonakale kukubi kakhulu kunokuyikh­ona.

Uthe sebebe nemihlanga­no eminingi bexoxa ngenkinga yokuhlalis­wa kwenqwaba yabasebenz­i emakhaya. “Ngenxa yalokhu sekulandel­wa imibandela eminingi uma umsebenzi edinga ukuhlalisw­a ekhaya ngoba engaphathe­kile. Umnyango uthathe isinqumo sokunika impesheni yokugula abangasakw­azi ukusebenza kunokuthi baqhubeke bahlale ekhaya bebe behola,” kusho uNksz Mafunda.

 ??  ??
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? KUDINGEKE ukuthi amaphoyisa agege amatshe abebekwe ababhikish­i uma efuna ukungena esiteshini
Isithombe: SITHUNYELW­E KUDINGEKE ukuthi amaphoyisa agege amatshe abebekwe ababhikish­i uma efuna ukungena esiteshini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa