Kume nse ukufunda enyuvesi izitshudeni zikhala ngeNSFAS
KUME ukufunda eNyuvesi yaKwaZulu-Natal ophikweni lwaseWestville izolo kwaboshwa nezitshudeni ezingu-17 ngesikhathi kuqubuka umbhikisho izitshudeni zikhala ngokungazitholi izimfanelo zazo esikhwameni sezimali iNational Students’ Financial Aid Scheme, izindawo zokuhlala kanjalo nokuhamba kancane kwe-wifi.
Ngokwamaphoyisa, izitshudeni ezingu-300 izolo ekuseni zihlangane kulolu phiko zajikijela amaphoyisa ngamatshe. Okhulumela amaphoyisa, uCaptain Nqobile Gwala, uthe kulimale izimoto zamaphoyisa kulesi sehlakalo.
“Kuboshwe izitshudeni ezingu-17 ngecala lokudala udlame emphakathini. Zizovela maduze enkantolo. Amaphoyisa ayaqhubeka nokuqapha isimo.”
USihlalo weSasco esifundazweni, uMnuz Mqondisi Duma, uthe njengoba iNSFAS ibhekene nezinkinga izitshudeni azikazitholi izimfanelo.
UDuma uthe indaba yezindawo zokuhlala ngenye yezinto abakhala ngazo.
“Sizoqhubeka silwe udaba lwezinkinga zezitshudeni zize zixazululeke. Indaba ye-wifi nayo ngezinye zezikhalo zezitshudeni,” kusho uDuma.
Izitshudeni zikhala ngokuthi ezindaweni ezihlala kuzona ngaphandle kwalesi sikhungo i-wifi ihamba kancane.
Okhulumela le nyuvesi, uNksz Normah Zondo, uthe kumiswe izivivinyo nokufunda izolo kulolu phiko kuphela.
Uthe lokhu kuzonika ithuba lokuthi abaphathi bahlangane nabaholi bezitshudeni ukuze kuxazululwe izinkinga.
Uqhube wathi namhlanje kulindeleke ukuthi kufundwe kulolu phiko.