Ubhekwe ngelokhozi ozoqokwa wuRamaphosa kwesokushushisa
UHLA LELWE wumsebenzi onzima uMengameli Cyril Ramaphosa njengoba yonke iminyakazo yakhe yokuqoka uMqondisi wezokuShushiswa koMphakathi izoqashwa ngeso lokhozi.
Izazi zomthetho zisho lokhu emuva kokuthi iJaji Mbuyiseli Madlanga linqume ukuthi ukuqokwa kuka-Adv Shaun Abrahams akukho emthethweni ngoba wangena esikhundleni sika-Adv Mxolisi Oliver Nxasana owaxoshwa ngaphandle kokulandela uMthethosisekelo.
IJaji Madlanga lithe u-Abrahams kufanele akhokhe izindleko zecala zabameli bakhe ababili bese uhulumeni ekhokha zonke izindleko zecala.
Uyalele uNxasana ukuthi akhokhe uR10.3 million (R10 240 767.47) kuR17.3 million akhokhelwa wona ngesikhathi exoshwa. Uphinde wayalela uRamaphosa ukuthi aqoke uMqondisi wezokuShushiswa koMphakathi kungakapheli izinsuku ezingu-90.
Uthe zonke izinqumo ezithathwe ngu-Abrahams zisemthethweni.
USolwazi Pierre De Vos oyisazi soMthethosisekelo esifundisa ezomthetho eNyuvesi yaseCape Town, uthe Ramaphosa kufanele aqoke umuntu ozophatha ezokushushiswa okwesikhashana ngesikhathi esabheka umuntu ofanelwe yilesi sikhundla.
“Wonke amehlo azothi njo kuRamaphosa njengoba kufanele aqoke umuntu onesibindi, onesimilo futhi ongahambisani nenhlangano ethile yepolitiki futhi ongahambisana nosomabhizinisi abathile.
“Kufanele kube wumuntu ozobeka izidingo zezwe ngoba uma ehambisana nepolitiki uzocabangela inhlangano yakhe futhi uma ehambisana nosomabhizinisi uzocabangela bona angabheki izidingo zesizwe,” kusho uDe Vos.
Uthe njengoba ijaji lithe izinqumo zika-Abrahams ngeke zishintshe kusho ukuthi abanamacala ezinkantolo bazoqhubeka nawo kuze kuba yizona ezinquma ukuthi ayabalahla noma ayabathetha.
UMnuz Lawson Naidoo weCouncil for Adavancement of the South African Constitution uthe bayasijabulela isinqumo senkantolo yize sifike sekwenzeke umonakalo omkhulu.
“Isinqumo senkantolo sizobuyisa uzinzo kwezomthetho eNingizimu Afrika futhi siyasamukela. Sizoqapha ngeso lokhozi ukuthi zonke iziphakamiso zenkantolo ziyenzeka,” kusho uNaidoo.
Phakathi kwezinye izinhlangano ebezifake udaba luka-Abrahams enkantolo kubalwa iCorruption Watch neFreedom Under Law.
UMnuz David Lewis onguMqondisi weCorruption Watch, uthe inkantolo ithathe isinqumo esifanele ngoba umthetho ubusufile eNingizimu Afrika.
“Silindele ukuthi kuqokwe umuntu onesibindi, ongeke asabe ukushushisa izephulamthetho noma ngabe zikuhulumeni. Asifuni umuntu ohambisana nepolitiki noma othanda imali,” kusho uLewis.
UNxasana uthe akanankinga nokukhokha uR10.3 million futhi uzolandela okushiwo yinkantolo kodwa uyajabula ukuthi akalahlwanga yicala.