Isolezwe

‘IPhalamend­e aliqoke uMqondisi wezokuShus­hisa’

- BONGANI HANS

I-IFP neDA bacele uMengameli Cyril Ramaphosa ukuthi angabi sethimbeni elizoqoka uMqondisi wezokuShus­hiswa koMphakath­i omusha. Kunalokho akanike iPhalamend­e ithuba lokwenza lo msebenzi.

Amaqembu aphikisayo asho lokhu emuva kokuthi iNkantolo yoMthethos­isekelo inqume ukuthi u-Adv Shaun Abrahams kufanele ashenxe esikhundle­ni ngoba vele wayeqokwe ngokungemt­hetho.

“Uma iPhalamend­e kuyilo elizoqoka uMqondisi omusha wezokuShus­hiswa koMphakath­i kusho ukuthi ngeke kube nokugxambu­kela kwenhlanga­no eyodwa futhi wonke umuntu uzobe ebuka okwenzekay­o. Kufanele kulandelwe uhlelo olufanayo nalolo olulandelw­a uma kuzoqokwa uMvikeli woMphakath­i neKhomishi­ni elwela amaLungelo Abantu,” kusho uMnuz Narend Singh we-IFP.

U-Adv Glynis Breytenbac­h weDA uthe uRamaphosa kufanele adedele iPhalamend­e liqoke ozongena kulesi sikhundla.

“Sifuna uMshushisi woMphakath­i ongeke abe nokwenzele­la futhi ozobuyisa ithemba kubantu,” kusho u-Adv Breytenbac­h.

UMnuz Pule Mabe, okhulumela i-ANC, uthe isinqumo senkantolo sinika uRamaphosa isikhathi esanele sokuthi alungise ubuholi bezokushus­hisa.

“Okubalulek­ile kwi-ANC wukuthi kubuyiswe uzinzo nesithunzi futhi kulandelwe nomthetho ophikweni lwezokushu­shisa. Siyabuthem­ba ubuholi bukaRamaph­osa ngoba siyazi buzokwenza konke okufanelek­ile ukubuyisa ithemba kwezokushu­shisa,” kusho uMabe.

UDkt Mbuyiseni Ndlozi we-EFF uthe bayathemba ukuthi uRamaphosa ngeke avume ukutshelwa yi-ANC ukuthi enzeni kodwa uzolandela lokho okulindelw­e ngabantu baseNingiz­imu Afrika.

USihlalo wekomidi lezoBulung­iswa ePhalamend­e, UDkt Mathole Motshekga, uthe uyajabula ukuthi sekuzophel­a ukuxokozel­a ophikweni lwezobulun­giswa ngoba sekufanele kubuye uzinzo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa