Sekukubantu ukuphakamisa ngeVAT
SEKUVULWE ithuba lokuthi umphakathi uphawule ngezimpahla okufanele ingakhokhwa kuzo intela eyaziwa ngeValue Added Tax (VAT).
Imibono yomphakathi izokwemukelwa kuze kuphele u-Agasti. Kusukela kunyuswe iVAT yaba ngu-15% empahleni umuntu asuke eyithenga, impilo inzima kakhulu kubantu abaningi ngoba kunyuke izindleko zempilo.
I-VAT inyuse intengo yokudla, eyezimpahla zokugqoka nanemishwalense nokuholele ekuthenini abanye abantu bayihoxise eminye imishwalense.
Ngakho leli thuba elivulwe nguhulumeni limqoka kakhulu ngoba ngokufaka imibono yethu kuzosiza uhulumeni abheke ukuthi yiziphi izimpahla abantu abafuna kukhishwe iVAT kuzo. Ikomiti ebelibuyekeza lo msebenzi lenze isiphakamiso sokuthi iVAT ikhishwe esinkweni esimhlophe, amaqakelo, umfaniswano wesikole namanabukeni ezingane nawabantu abadala.
Ngempela kungasiza uma zonke lezi zinto zingehliswa intengo ngokuthi kukhishwe iVAT kuzo. Kodwa kufanele ukuthi zikhona ezinye izimpahla abantu abazicabangayo mhlawumbe leli komiti ebelingazibhekanga ezingaqhamuka nokuphawula kwabantu.
Ukufuna kukahulumeni imibono yabantu yinto ebalulekile ngoba akwanele ukuthi sibalise kuphela ngesingakuthandi kodwa uma sekuthiwa asilekelele ukuqhamuka nesixazululo singabi naqhaza. Lezi zigcawu zisungulelwa ukuthola izisombululo ezizosisiza sonke ngakho asisukume sithumele imibono yethu. Njengamanje ayikhokhwa iVAT kwimpuphu, imifino, izithelo, i-rice, amafutha okupheka nobhontshisi.
Kodwa lesi sibalo singanda uma abantu bengafaka imibono yabo. Kukhona nezinye izinto ezimba eqolo kodwa eziyizidingo ezinkulu kubantu njengezincwadi zesikole nazo okungasizakala abazali abaningi uma ingakhishwa le ntela entengweni yazo.
Yebo kumqoka ukuthi intela ikhokhwe ngoba yiyona uhulumeni ayisebenzisayo ukufeza izidingo zomphakathi ezinjengokwakha amathuba emisebenzi, ukwakha izibhedlela, ukulungisa imigwaqo nokunye kodwa akukwazi ukuthi abantu bangaqhubeka bantule ngale ndlela okwenzeka ngayo ngenxa yeVAT.