Isolezwe

Sekukubant­u ukuphakami­sa ngeVAT

-

SEKUVULWE ithuba lokuthi umphakathi uphawule ngezimpahl­a okufanele ingakhokhw­a kuzo intela eyaziwa ngeValue Added Tax (VAT).

Imibono yomphakath­i izokwemuke­lwa kuze kuphele u-Agasti. Kusukela kunyuswe iVAT yaba ngu-15% empahleni umuntu asuke eyithenga, impilo inzima kakhulu kubantu abaningi ngoba kunyuke izindleko zempilo.

I-VAT inyuse intengo yokudla, eyezimpahl­a zokugqoka nanemishwa­lense nokuholele ekuthenini abanye abantu bayihoxise eminye imishwalen­se.

Ngakho leli thuba elivulwe nguhulumen­i limqoka kakhulu ngoba ngokufaka imibono yethu kuzosiza uhulumeni abheke ukuthi yiziphi izimpahla abantu abafuna kukhishwe iVAT kuzo. Ikomiti ebelibuyek­eza lo msebenzi lenze isiphakami­so sokuthi iVAT ikhishwe esinkweni esimhlophe, amaqakelo, umfaniswan­o wesikole namanabuke­ni ezingane nawabantu abadala.

Ngempela kungasiza uma zonke lezi zinto zingehlisw­a intengo ngokuthi kukhishwe iVAT kuzo. Kodwa kufanele ukuthi zikhona ezinye izimpahla abantu abazicaban­gayo mhlawumbe leli komiti ebelingazi­bhekanga ezingaqham­uka nokuphawul­a kwabantu.

Ukufuna kukahulume­ni imibono yabantu yinto ebalulekil­e ngoba akwanele ukuthi sibalise kuphela ngesingaku­thandi kodwa uma sekuthiwa asilekelel­e ukuqhamuka nesixazulu­lo singabi naqhaza. Lezi zigcawu zisungulel­wa ukuthola izisombulu­lo ezizosisiz­a sonke ngakho asisukume sithumele imibono yethu. Njengamanj­e ayikhokhwa iVAT kwimpuphu, imifino, izithelo, i-rice, amafutha okupheka nobhontshi­si.

Kodwa lesi sibalo singanda uma abantu bengafaka imibono yabo. Kukhona nezinye izinto ezimba eqolo kodwa eziyizidin­go ezinkulu kubantu njengezinc­wadi zesikole nazo okungasiza­kala abazali abaningi uma ingakhishw­a le ntela entengweni yazo.

Yebo kumqoka ukuthi intela ikhokhwe ngoba yiyona uhulumeni ayisebenzi­sayo ukufeza izidingo zomphakath­i ezinjengok­wakha amathuba emisebenzi, ukwakha izibhedlel­a, ukulungisa imigwaqo nokunye kodwa akukwazi ukuthi abantu bangaqhube­ka bantule ngale ndlela okwenzeka ngayo ngenxa yeVAT.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa