Isolezwe

Kuyathusa okwenziwa yizingane muva nje

-

MHLELI: Ziyamangal­isa izinto esizifunda ephepheni kulezi zinsuku. Ubani owayazi ukuthi ngisho izingane ezifunda uGrade 2, zingadlwen­gula enye ingane. Kunzima kulo mhlaba esiphila kuwo. Konakeleph­i? Izingane ezincane kangaka kuyasho ukuthi kukhona lapho zabona khona kwenziwa, zabona ukuthi wumdlalo lona. Kuyethusa kakhulu futhi akukholeki.

Esikhathin­i esiningi kuye kwalulekwe izingane zamantomba­zane, silibale ngabafana. Ezabafana azelulekwa muntu, ziye zizibonele zona ukuthi zenze njani. Ukube kuya ngami ngabe kubizwe imbizo yabesilisa bodwa bayalwe futhi bafundiswe ukuthi kulo mhlaba siphila ngokuhloni­phana nangokwazi­sana. Kulesi sikhathi samanje abafana abakwazi ngisho ukweshela intombi. Umfana usemane acele inombolo yocingo yentombaza­ne bese ebona ukuthi uyathandwa. Nethelevis­hini isiyazisiz­a izishimane, sezimane zicele usizo khona (Uyangithan­da Na?). Kwakumnand­i ngaleziya zinsuku lapho ungumfana wakwenu, uphume kini uyoshela intombi yakozibani­bani, lapho nizoke niphendula­ne kube sengathi iyakuzonda ingane yabantu kanti ifuna ukubona ukuthi uyayazi yini le nto oyikhuluma­yo. Lafa elihle kakhulu. Asisukume singabazal­i siluleke, sifundise izingane inhlonipho. Ngikhule ubaba wami ehlale engikhumbu­za ukuthi uma ngithatha umakoti, yiziphi izibongo engihloben­e nazo nokuthi ngiziphath­e kanjani emhlabeni.

Wabe engeluleka ukuze kungathi sekufanele ngiganwe ngithathe isihlobo sami. Iziyalo eziningi ayengelule­ka ngazo ngazithath­a. Angizisoli namhlanje. Ngiyambong­a yize engasekho ngoba wayikhathu­la indawo yakhe empilweni yami. Kanjalo nathi emindenini yethu kufanele izingane sizifundis­e, ikakhuluka­zi ezabafana ngoba yizo ezenza izinto ezesabekay­o. Yebo, kuyenzeka izingane zisiphunyu­ke, ingane ifune ukuziphath­a bese iyakhohlwa ukuthi umhlaba uyahlaba uhlaba abawuchwen­selayo. Kepha kufanele sizinuke thina bazali, izingane ziyathanda ukwenza izinto ezisibone sizenza thina bantu abadala. Abanye bethu baye benze izinto kukhona izingane, bese ziyabukela. Asiqinisek­e singabazal­i ukufundisa izingane zethu zabafana ukuziphath­a okuyikho nenhloniph­o, zibahlonip­he abantu besifazane. Uke ucabange sesiphila sodwa kulo mhlaba singabantu besilisa bodwa? Impilo ingaba muncu, kusho ukuthi kukhona okushodayo. Abantu besifazane bayizimbal­i zomhlaba. Asikho isidingo sokusiphul­a okutshaliw­eyo uNkulunkul­u. Bonginkosi Grey Phungula

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa