Isolezwe

Uncoma amava kaKomphela umdlali

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UZIMISELE ngokukhohl­wa konke okungekuhl­e osekwenzek­ile kuyena kusukela efikile ebholeni elikhokhel­ayo uMenzi Masuku, oveze ukuthi useyabona lapho eya khona manje ngoba usenomqeqe­shi omphathisa okwendoda, hhayi umfana omncane onethalent­e njengoba bekwenzeka emaqenjini asedlule kuwona.

UMasuku odabuka KwaMashu uthe yena uyazethemb­a futhi uyayazi into angayenza enkundleni kodwa esikhathin­i esedlule ukushesha kwempumele­lo yakhe kumenze wazithola esenkingen­i. Ukhushulel­we esikimini esikhulu se-Orlando Pirates ngesizini ka-2014/2015, wabingelel­a ngenguzung­a yegoli ayishaye bedlala neCeltic. Lelo goli liqokwe njengelive­lele kwisizini ka-2014/2015.

Akagcinang­a lapho uMasuku kepha usize iqembu laseNingiz­imu Afrika labaneminy­aka engaphansi kwewu-23 lalala isithathu kweyeCAF Youth Championsh­ip ngo-2015. Umklomelo walokhu kube yindawo kweyama-Olympic ka-2016 eRio de Janeiro eBrazi, lapho ebekhona futhi uMasuku.

Ngemuva kokubuya eBrazil ziqalile zahlehla izinto yize ebebizwa nakwiBafan­a Bafana ebidlala kwiCosafa Cup kodwa ugcine edayiswa ngendlela engaqondak­ali kwiChippa United. Uhlale isikhathi esicela eminyakeni emibili ePort Elizabeth njengoba esesayine kwiCeltic ngoJanuwar­i nyakenye.

Ngeledlule ungene neminyakaz­o ebonakalay­o iqembu lakhe lizitika ngeLamontv­ille Golden Arrows koweligi ePrincess Magogo.

Ekhuluma neSolezwe ngemuva kwalo mdlalo uzwakalise injabulo yakhe ngokuseben­za noSteve Komphela amchaze njengomqeq­eshi ayekade emdinga empilweni yakhe.

Lo mdlali ubona ukuthi ukushesha kwezinto efika ebholeni elikhulu kwenze abanye abaqeqeshi bakhohlwa ukuthi usadinga ukuphekwa njengabany­e abadlali abalingana naye.

“Kungibulel­e ukugqama nokushesha kwezinto ngoba kwenze abaqeqeshi okumele bangikhuli­se ngendlela bazitshela ukuthi sengiqinil­e. Uma umqeqeshi enza lokho nawe njengomunt­u uyaqala ukukholwe lokho kanti uyazikhohl­isa. Ngizokhula manje lokho angikungab­azi. Ngisebenza nomqeqeshi ohluke kakhulu kunalaba ebengisebe­nza nabo eminyakeni edlule.

“UKomphela uyazinika isikhathi ahlale nami phansi angibonise lapho ngingenzi kahle khona bese engikhutha­za engitshela futhi okufanele ngikwenze kumbe ngikhuphul­e amasokisi kukona ukuze ngizoqala imidlalo,” kusho uMasuku. Ebuzwa ukuthi yini ayibhekile kule sizini uthe, “Ngibheke ukubamba isitayela sikaKomphe­la kuqala. Kuhle ngoba ukhuluma nathi ngobodwana sonke ngakho-ke ngeke kube nzima ukwazi ukuthi yini edingekayo. Usengitshe­lile ukuthi ithalente enginalo alitholkal­i kalula kodwa kumele ngizijwaye­ze ukumaka kakhulu. “Uyangikhut­haza futhi ukuthi ngizikhand­le ejimini ngoba indlela afuna kudlalwe ngayo iyakudinga lokho. Ngibulawe ukuthi abaqeqeshi ebengidlal­a kubona ngokudlule bebezibone­la umdlali osephelele kanti ngisadinga ukukhula ebholeni elikhokhel­ayo.”

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMENZI Masuku weBloemfon­tein Celtic uthi uneme ngokuseben­za nomqeqeshi uSteve Komphela
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMENZI Masuku weBloemfon­tein Celtic uthi uneme ngokuseben­za nomqeqeshi uSteve Komphela

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa