Isolezwe

UFurman uncoma ofike wenza ezibukwayo

- LUNGILE MAJOKA

UKAPUTENI weSuperSpo­rt United uDean Furman umethulele isigqoko umdlali wabo omusha uGhampani Lungu athi ushaye into ecokeme edlaliswa indawo angayijway­ele behlula i-Orlando Pirates koweMTN 8 ngempelaso­nto.

ULungu (19) uboshelwe kwesokudla emuva kuchitshiy­elwa ngaye ngenxa yokulimala kwabadlali abayibamba kule ndawo.

Lo mdlali othengwe kwiPower Dynamos yaseZambia, uwudlale waze wawuqeda umdlalo egijima kulayini, evimba nezitha ungafunga ukuthi unesipiliy­oni kuyona.

I-United ingene kwiMTN 8 ngokugixab­ezwa amaphuzu nguWilliam Mokhari owayengume­hluleli weSafa ecaleni likaTendai Ndoro ne-Ajax Cape Town. Isuke endaweni yesishiyag­alolunye yayohlala kweyesikho­mbisa, igudluza AmaZulu FC kwiTop 8.

Ngemuva komdlalo uFurman, ongomunye wabashayel­e i-United igoli kulo mdlalo, uhalalisel­e uLungu ngokuzimis­ela kwakhe. Umdlalo ubuphele ngo 2-2 kodwa umakhonya wacaca kumaphenat­hi kudlula iqembu lasePitoli ngo 4-3.

“Sisebenze kanzima ikakhuluka­zi emuva. Ngithanda ukubalula umdlali wethu wakwesokud­la ufike wasivala isikhala njengoba besinenkin­ga kule ndawo. Ube nomdlalo omuhle kakhulu. Kusukela kuyena kuya kuwona wonke umdlali kusetshenz­iwe. Ngiyajabul­a ngokuthi sidlulele emzuliswan­eni olandelayo ukuze siqhubeke nokulwela ukuvikela indebe yethu,” kusho uFurman ogoduke no-R8000 wokuba ngumdlali ovelele.

Uthe kusemqoka ukuthi bakhele kulo mphumela ukubheka phambili.

Ngaphambi kokubhekan­a nePirates bebeshaye AmaZulu FC ngo 1-0 kowe-Absa Premiershi­p. Iligi bayivule ngenduku behlulwa yiCape Town City ngo 2-0 ekuhambeni.

“Sibe naso isikhathi sokuphumul­a. Uyabona abadlali balambile futhi bazimisele ngokulwa. Okuhle ngalo mdlalo wukuthi nathi besiyingoz­i uma sihlasela. Yebo kusekuning­i okumele sikulungis­e kodwa kubaluleki­le ukuthi siqhubeke ngale ndlela,” kusho uFurman.

Umqeqeshi wakhe uKaitano Tembo naye umshayele ihlombe uLungu.

“Kuningi esisazokub­ona kuyena. Ungumdlali waphambili futhi wenze kahle kakhulu ngemuva kokulinyal­elwa uGrant Kekana. Bengazi ukuthi uzoliseben­zisa ithuba noma ngabe udlala kuphi. Ngethemba ukuthi uzoqhubeka uma esedlala endaweni yakhe njengoba simlandele ukuthi asisize ekushayeni amagoli,” kusho uTembo.

NgoMgqibel­o i-United izobhekana neBidvest Wits koweligi eBidvest Stadium ngo-8.15 ebusuku.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa