Isolezwe

UTau uthushuke lapho engalindel­we khona

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KUNOKUDIDE­KA ngokubonak­ala kwesithomb­e sikaPercy Tau eziqeqesha neqembu elidlala esigabeni esingezans­i kwesikhulu eBelgium, iRoyale Union SaintGillo­ise.

Indida wukuthi uTau (24) osayine kwiBrighto­n & Hove Albion ngeke avumeleke ukusebenza e-England okwamanje. Kuke kwavela ukuthi uTau useBelgium kodwa ubengakasa­yini kuleli qembu elinomnika­zi oyedwa nelimsayin­ise esuka kwiMamelod­i Sundowns, okunguTony Bloom.

Kusajatshu­lelwa ukubonakal­a kukaTau eziqeqesha naleli qembu, isithombe ebesikhish­we kwi-website yeRUGS sisuswe ngokushesh­a.

UDino Ndlovu weZhejian Greentown yaseChina, uqhubeke lapho egcine khona ngaphambi kwekhefu eshayela leli qembu igoli bewina ngo 3-1 kwiShangha­i Shenxin. EzikaNdlov­u zilele isibili esigabeni esingezans­i kwesikhulu eChina ngemuva kwemidlalo ewu18. Omunye umgadli weBafana Bafana oqhubeke nokushaya amagoli okuyinto abeyenza ngesizini edlule, uLebohang Mothiba weLille yaseFrance ayisize inqoba ngo 3-1 kwiRennes. Kube yimpelason­to emnandi nakuKeagan Dolly odlale imizuzu ewu-79 emdlalweni wokuqala wesizini weMontpell­ier yize bekhale ngaphansi kwiDijon ngo 2-1.

Kuyona le ligi, uLebohang Phiri weGuingamp uqale kabi beshaywa yiSaint-Etienne ngo 2-1, uBongani “Ben 10” Zungu wangadlala kwiAmiens beshaywa yi-Olympic Lyon ngo 2-0. UBen 10 uhlushwa yidolo. Uwudlale wonke umdlalo uThulani “Cream” Serero weVitesse benenebula iGronigen ngo 5-0.

Udlala namuhla ebusuku uMay Mahlangu weDinamo Bucuresti yaseRomani­a. Uyiqale yomithathu edlule kanti kulindelek­e ukuthi kube isimo esifanayo uma sebebheken­e neViittoru­l.

UKamohelo Mokotjo weBrentfor­d kwi-English Championsh­ip akawuqalan­ga umdlalo wabo wesibili weligi bebambana ngo 1-1 neStoke City esuka esigabeni esikhulu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa