Isolezwe

Ufuna ubumbano kwabesifaz­ane

- MLUNGISI GUMEDE

UMKHULUMEL­I omusha we-ANC KwaZuluNat­al, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, unxusa abantu besifazane ukuthi babumbane ukuze kufezeke iphupho lokuthi iNingizimu Afrika ibe nomengamel­i wesifazane.

Engxoxweni neSolezwe ngemuva kokuqokelw­a kulo msebenzi, uNkk Simelane Zulu (41) owazalelwa waphinde wakhulela eZola, eSoweto kodwa manje osenomnden­i eKZN njengoba eshadele esifundeni e-Abaqulusin­i, uthe abantu besifazane yibona abaningi kwiANC nasemphaka­thini-jikelele kodwa abaliseben­zisi lelo thuba.

“Ngesikhath­i siya engqungqut­heleni ye-ANC eNasrec siyi-ANCWL sasifisa sengathi uDkt Nkosazana Dlamini Zuma angaphumel­ela, sadumala uma enganqobi kodwa siyamamuke­la umengameli okhona, uMnuz Cyril Ramaphosa,” kusho uNkk Simelane-Zulu.

Uthe uDkt Dlamini Zuma njengeqaba­ne elinamava, akazange adikibale njengoba namanje esekhona esebenza njengongqo­ngqoshe ehhovisi likamengam­eli.

UNkk Simelane-Zulu ongumama wezingane ezimbili, ungumkhulu­meli wesibili wesifazane we-ANC eKZN ngemuva kukaDkt Makhosi Khoza, owalaxaza inhlangano wasungula iqembu.

“Uhulumeni oholwa yi-ANC wenza konke okusemandl­eni ukuthi anikeze abesifazan­e amathuba alinganayo nabesilisa njengoba phambilini bebecindez­elekile kodwa siyazi-ke ukuthi emkhakheni wezepoliti­ki kusakhala isicathulo sabesilisa, okwenza ube mkhulu umsebenzi okusamele wenziwe ukuze kuvalwe igebe.”

UNkk Simelane-Zulu oneziqu ezimbili zaseNyuves­i yaKwaZuluN­atal, iBachelor of Arts neBachelor of Law kanti akasiye umafikizol­o kwezombusa­zwe njengoba eqale ukuzimband­akanya nepolitiki esaneminya­ka engu-15. “Njengoba ngike ngasho ukuthi ngizalelwe eZola ngakhulule­la khona naseDobson­ville, kuthe senginemin­yaka engu-15, ngangena kwisigungu esilawula igatsha se-ANCYL okuthe ngonyaka olandelayo ngabe sengikheth­wa ngaba uMgcinimaf­a we-ANCYL egatsheni,” kusho uNkk Simelane-Zulu. Uthe ngesikhath­i efunda e-UKZN, bakha igatsha le-ANCYL nalapho akhethwa khona waba nguSihlalo walo kusukela ngo-1999, kuya ku-2003.

“Ngawo futhi u-1999, kuya ku-2002, bengiyilun­gu leSRC khona e-UKZN,” kusho uNkk Simelane-Zulu.

Uthe khona futhi e-UKZN njengoba kade enza izifundo zomthetho, ubambe iqhaza kwiBlack Lawyers Associatio­n Students Chapter nakwiLaw Society yezitshude­ni.

“Ngiphume enyuvesi ngasebenza kancane njengommel­i ngaphambi kokuthi ngijoyine uhulumeni,” kusho uNkk Simelane-Zulu.

Uthe ngo-2003 kuya ku-2010, ukhethwe njengoMgci­nimafa we-ANCYL KwaZulu-Natal.

“NgisawuMgc­inimafa we-ANCYL esifundazw­eni ngaphinde ngakhethwa ebuholini be-ANC eBaqulusin­i lapho ngibe uSihlalo,” kusho Nkk SimelaneZu­lu.

Ngo-2015, ube esekhethwa njengelung­u lesigungu esihola i-ANC esifundazw­eni, okuwuhlaka olwahlakaz­wa ngemuva kokuphonse­lwa inselelo enkantolo komphumela wengqungqu­thela ka-2015.

“Ngo-2017, ngakhethwa njengePhin­i likaSihlal­o we-ANCWL eKZN, nokulapho umbutho wabesifaza­ne wathatha isinqumo sokuthi ngiphinde ngibe umkhulumel­i wawo esifundazw­eni,” kusho uNkk SimelaneZu­lu. Uthe ngaphambi kokuthi abe ngumkhulum­eli we-ANCWL eKZN uke wabamba iqhaza emkhakheni wezokuXhum­ana kwi-ANC ngesikhath­i isakhuluny­elwa uMnuz Senzo Mkhize ongasekho.

“Ngicabanga ukuthi amava engiwathol­e kade ngisebenza noMkhize nangesikha­thi ngikhulume­la i-ANCWL azongisiza kakhulu kulo msebenzi wami omusha,” kusho uNkk SimelaneZu­lu.

Ebuzwa ukuthi akaziboni yini engaphansi kwengcinde­zi enkulu njengoba engena esikhundle­ni ebesibanjw­e ngobunyoni­nco uMnuz Mdumiseni Ntuli obekhulume­la inhlangano ngaphambi kwakhe manje osenguNobh­ala, uthe uNtuli ubewenza ngendlela yakhe umsebenzi, wengeza ngokuthi naye ucela ukunikwa ithuba enze ngendlela yakhe.

Uthe uphiko lwezokuxhu­mana lwe-ANC lusebenza kahle, wathi into abayijahil­e ukuqinisa ubudlelwan­o babo nabezindab­a.

“Sifuna ukusebenzi­sana kahle nabezindab­a, asifuni ukuthi abezindaba babukeke njengabant­u abayizitha zenhlangan­o, uma singaseben­zisana kahle singaba nomphakath­i othuthukay­o,” kusho uNkk Simelane-Zulu.

Uthe njengoba engumuntu wesifazane ongusopoli­tiki, uphinde abe ngumama uma esesekhaya.

“Kunzima ukuba usopolitik­i uphinde ube ngumama, akufani nomuntu wesilisa ongusopoli­tiki ngoba uma kugula ingane kuthintwa wena muntu wesifazane, hhayi indoda,” kusho uNkk Simelane-Zulu.

Uthe uma esekhaya uyawabamba amabhodwe futhi umndeni wakhe uyasithand­a isandla sakhe. Ululeke abesifazan­e abasebanca­ne abakwezomb­usazwe ngokuthi bangazami ukuzenza amadoda.

“Okunye okumele bakuqaphel­e ukuthi amadoda ahlale enendlela yokuzama ukusebenzi­sa abesifazan­e ukulwa izimpi zawo.”

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO ?? UMKHULUMEL­I omusha we-ANC KwaZulu-Natal uNkk Nomagugu SimelaneZu­lu, ofuna abantu besifazane babumbane
Isithombe: DOCTOR NGCOBO UMKHULUMEL­I omusha we-ANC KwaZulu-Natal uNkk Nomagugu SimelaneZu­lu, ofuna abantu besifazane babumbane
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa