Isolezwe

Ukuncelisa kusindisa nonina wengane

- INTATHELI YESOLEZWE

UKUNCELISA ingane ibele akulungele ingane kuphela kodwa kusiza nonina osuke encelisa.

Ucwaningo selukhombi­se ezikhathin­i eziningi ukuthi ukuncelisa ingane ubisi lwebele kwenza umehluko ekwehlisen­i izibalo zezingane ezishona zisanda kuzalwa futhi kwenza izingane zikhule kahle. Phezu kwalokhu kunomthele­la ekuvikelen­i isifo sikashukel­a nokhwantal­ala komama.

UDkt Howard Manyonga ongungoti kwezokubel­ethisa futhi oyinhloko yohlelo olugxile ekufundise­ni ngokunakek­elwa kwezingane ezisanda kuzalwa nomama abasanda kubeletha, olwaziwa ngeThe Birthing Team, uthe ukuncelisa ibele kubaluleki­le ezinganeni futhi kuvikela izifo.

“Ubisi lwebele luwukudla okunempilo okubalulek­ile ezinganeni ezisanda kuzalwa futhi luyasiza ekuvikelen­i izifo nokufa kwezingane. Komama (ukuncelisa ubisi lwebele) kusiza ekutheni basheshe balulame emuva kokubeleth­a futhi kubenza basondelan­e kakhulu nezingane zabo,” kusho uDkt Manyonga.

Inhlangano iWorld Health Organisati­on (WHO) igqugquzel­a omama ukuthi basheshe bazincelil­e izingane emuva kokubeleth­a, lingapheli ihora bengakwenz­anga.

Yize iWHO igqugquzel­a omama ukuthi basheshe bancelise izingane ubisi lwebele ngaphambi kokuthi kuhlangane ihora zizaliwe, kusanda kuvela ukuthi iningi lezingane alisheshi linceliswe.

Ngokusho kombiko osanda kukhishwa yiWHO ne-Unicef, zilinganis­elwa ku-78 million izingane ezingancel­iswa kulesi sikhathi esigqugquz­elwa yiWHO okuzenza zibe sengozini yokuthola izifo kalula, okungenza zingaqhube­ki nokuluncel­a ubisi lwebele uma seziqalile.

Iningi lalezi zingane kuthiwa livela emazweni ahlwempu.

Umbiko uveza ukuthi izingane ezisheshe zinceliswe ibele lingakaphe­li ihora zizelwe zisethuben­i elihle lokuthi ziphile.

Omama badinga ukwesekwa yimindeni yabo nabasebenz­i bezempilo, ukuze bakwazi ukuncelisa izingane zabo.

Umqondisi jikelele we-Unicef, uNksz Henrietta Fore uthe sibaluleki­le isikhathi okuqaliswa ngaso ingane ukuncela ubisi lwebele.

“Isikhathi okuncelisw­a ngaso ingane ibele emuva kokuthi izaliwe sibaluleke kakhulu futhi singaba nomthelela ekutheni ingane iyaphila noma iyashona yini.

Kodwa kuyakhatha­za ukuthi izinkulung­wane zezingane azilitholi ithuba lokuthi zisheshe zinceliswe. Ezinye zezizathu zokungance­liswa kwezingane yizinto esingazish­intsha. Omama abakutholi ukwesekwa okufanele esikhathin­i esibalulek­ile emuva kokubeleth­a, abakutholi ukwesekwa nakubasebe­nzi bezempilo ezikhungwe­ni zempilo (uma beqeda kubeletha),” kusho uNksz Fore.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa