Isolezwe

Imigomo yokunakeke­la ezinomdlav­uza

-

INHLANGANO elwela amalungelo abantu abaphila nomdlavuza, iCancer Alliance seyikhiphe imigomo engalandel­wa ukunakekel­a izingane ezinomdlav­uza.

Le migomo ibhekele ukunakekel­a izingane esezifinye­lele esimeni sokuba nomdlavuza ongeke usalapheka. Igxile ekunakekel­eni izingane ukuze kuqiniseki­swe ukuthi impilo yazo iba sesimeni esifanele noma sezigula kakhulu.

Inhlangano yezempilo emhlabeni wonke iWorld Health Organisati­on (WHO) ichaza ukunakekel­wa kwezingane ezinezifo ezingalaph­eki (palliative care) njengokuna­kekelwa komzimba wengane nomphefumu­lo wayo. Iphinde iveze ukuthi ukunakekel­a ingane akugcini ngayo kuphela kodwa kusho ukunakekel­a nomndeni wayo nokuweseka.

Lokhu kuqala ngesikhath­i kutholakal­a ukuthi ingane inesifo esifana nomdlavuza nezinye nesigaba ekusona. Lolu hlobo lokunakeke­la umntwana luyaqhubek­a ngisho ingane ingayithol­i imishanguz­o yaleso sifo. I-WHO ikubeka kucace ukuthi abasebenzi bezempilo kufanele baqiniseki­se ukuthi bayasibhek­isisa isimo sengane sezempilo, esengqondo nesezenhla­kalakahle ukuze ikwazi ukusizakal­a.

Nemigomo yeCancer Alliance igqamisa ukubalulek­a kokwesekwa kwabazali nemindeni yezingane ezinomdlav­uza ngisho kungathiwa baqhamuka kumiphi imiphakath­i.

Bathi kufanele kube nezikhungo ezinakekel­a izingane esezigula kakhulu. Imigomo ithi kufanele kuphele imishanguz­o egcina seyiholela ekutheni izingane zingakhahl­amezeki ngokungena­sidingo.

Ngokusho kwabalobi bemigomo, ukunakekel­wa kwabantu abasuke bephethwe yizifo ezingalaph­eki (palliative care) akusho ukukunakek­ela abantu abasuke sebengasho­na noma kunini kodwa kusho ukunakekel­a abantu ngendlela enesizotha nothando.

Le ndlela yokunakeke­lwa kweziguli ibaluleke kakhulu ezinganeni njengoba zona zisuke zisazokhul­a zibe ngabantu abadala zinesifo esingalaph­eki kuphinde kubeke ingcindezi kubazali bazo nokuyibona abasuke bezinakeke­la.

USihlalo weCancer Alliance, uNkk Linda Greeff, ukhale ngokuthi kusenzima ukuthi izingane zithole usizo lwezempilo olufanele uma zinezifo ezingalaph­eki.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa