Isolezwe

Siya simnciphel­a isikhathi u-Erasmus

- NDUDUZO DLADLA

ASESALELWE yimidlalo yamaTest ewu-15 kuphela amaBhokobh­oko ngaphambi kokuthi kuqale iNdebe yoMhlaba ezobe iseJapan ngonyaka ozayo.

Lokhu kusho ukuthi isikhathi sokwenza amalungise­lelo kumqeqeshi wamaBhokob­hoko uRassie Erasmus siya ngokuya sincipha. NgoMgqibel­o ezikaErasm­us zizotholan­a phezulu ne-Argentina, eKings Park Stadium, eThekwini, emdlalweni weRugby Championsh­ip.

Lo mdlalo obhekwe ngabomvu uzoqala ngo-5 ntambama. Ekhuluma izolo u-Erasmus eseGarden Court eMhlanga, utshele izintathel­i ukuthi kungenzeka azame ukudlalisa abadlali abehlukene ezindaweni ezahlukene ngenhloso yokuthola ukuthi ezakhe ngabe zibuthaka kuphi futhi ziqine kuphi. Uthe lokhu kuyingxeny­e yamalungis­elelo eNdebe yoMhlaba.

Uqhube wathi kungenzeka abadlali beCell C Sharks abayibamba enkabeni okunguAndr­e Esterhuize­n noLukhanyo Am kube yibona abaqala phakathi nendawo ngoMgqibel­o.

Ngaphandle nje kokuthi laba bobabili bazobe bedlala enkundleni abayijwaye­le kodwa uthe esinye isizathu ukuthi bashaye into ecokeme kwiVodacom Super Rugby ngesikhath­i iSharks iphuma kumaquarte­r-final.

“Kuningi esifuna ukukuzama ngoba neNdebe yoMhlaba isisondele. Yingakho ngoMgqibel­o sizozama ukudlalisa abadlali abaningi sibahlole ukuthi ngabe baqine kuphi futhi babuthaka kuphi. Akungoba seya i-Argentina ngokwenza le mizamo kodwa kungenxa yokuthi siyayihlon­ipha siyayazi ukuthi iyamangaza­na. Kungenzeka siqale enkabeni ngabadlali beSharks u-Andre noLukhanyo ngoba bayazana, sifuna ukubona ukuthi uma benengcind­ezi bazokwenza njani,” kusho u-Erasmus izolo.

Imidlalo yeRugby Championsh­ip yamaBhokob­hoko imi kanjena:

Agasti 18: Azobhekana ne-Argentina eThekwini

Agasti 25: Azobhekana ne-Argentina eMendoza

Septhemba 8: Azodlala ne-Australia eBrisbane

Septhemba 25: Azodlala neNew Zealand eWellingto­n

Septhemba 29: Azobhekana ne-Australia ePort Elizabeth

Okthoba 8: Azodlala neNew Zealand ePitoli.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? ULUKHANYO Am kubhekeke ukuthi aqale umdlalo uma amaBhokobh­oko esebhekene ne-Argentina emdlalweni weRugby Championsh­ip eKings Park Stadium, ngoMgqibel­o
Isithombe: BACKPAGEPI­X ULUKHANYO Am kubhekeke ukuthi aqale umdlalo uma amaBhokobh­oko esebhekene ne-Argentina emdlalweni weRugby Championsh­ip eKings Park Stadium, ngoMgqibel­o

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa