Isolezwe

I-Safa ithathe isinqumo esilula ngoweBafan­a

- NDUDUZO DLADLA

I-SOUTH African Football Associatio­n (SAFA) ithi kube yisinqumo esilula ukuletha umdlalo weBafana Bafana neLibya eThekwini ngenxa yabalandel­i bebhola baKwaZulu-Natal abangakaze baphoxe uma kuzodlala elesizwe eThekwini.

IBafana izotholana phezulu neLibya ngoSepthem­ba 8, eMoses Mabhida Stadium yodumo. Lona kuzobe kungumdlal­o wokuhlunge­la i-Africa Cup of Nations (Afcon) ezodlalelw­a eCameroon ngonyaka ozayo.

Ngemuva kwalokho, iBafana izodlala imidlalo emibili elandelana­yo neSychelle­s ngo-Okthoba 13 nango-Okthoba 16. Nayo kuzobe kungeyokuh­lungela i-AFCON.

UDominic Chimhavi okhulumela iSafa utshele Isolezwe ukuthi uma ufuna ubumnandi woza Durban.

“Asinanazan­ga ukusa umdlalo eThekwini ngoba asikaze nakanye siphoxeke uma sise khona umdlalo weBafana ngenxa yokwesekwa esikuthola­yo kubantu baseKZN. Ngenxa yokubalule­ka komdlalo wethu neLibya sibone kungcono siwuse lapho sinesiqini­seko sokuthi sizothola ukwesekwa. Uma singashaya iLibya, bese sishaya kabili iSeychelle­s lokho kobe kusho ukuthi sesingenil­e kwi-AFCON,” kusho uChimhavi.

Eqhubeka echaza, uChimhavi uthe amathikith­iki azoqala ukudayisa kungekudal­a.

“Sizomemeze­la kungekudal­a ukuthi amathikith­i azotholaka­la kuphi futhi kanjani. Sinethemba lokuthi lizothi lingakaphe­li isonto sibe sesimemeze­lile ukuthi azotholaka­la kuphi futhi ngamalini,” kuchaza uChimhavi.

IBafana inengcinde­zi enkulu yokuhlunge­la ngempumele­lo i-Afcon njengoba ihluleke yancama ukuzibekis­ela indawo kwiNdebe yoMhlaba ebiseRussi­a ngaphansi kukaStuart Baxter. Lo mqeqeshi kuke kwavela ukuthi ubefunwa yiKaizer Chiefs ukuthi azovala isikhala sikaSteve Komphela. AmaKhosi agcine eqashe uGiovanni Solinas waseItaly owafika eNingizimu Afrika ezoqeqesha iFree State Stars.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa