Uxolisa ngokulimala kukaMolangoane
UCELE uxolo umdlali weFree State Stars, uMakhehleni Makhaula, ophule uJoseph “Tight” Molangoane weKaizer Chiefs ngesikhathi amaqembu ebhekene emdlalweni weMTN 8 eFNB Stadium ngempelasonto.
IChiefs inqobe umdlalo ngo 3-0 ngamagoli kaDumisani Zuma, Leonardo Castro noKhama Billiat. Izobhekana neSuperSport United kowandulela owamanqamu weMTN 8.
UMakhaula ukhiphe isitatimende kwi-website yeqembu lakhe izolo lapho ezakwakalise ukuzisola ngesenzo sakhe.
“Umndeni wonke weFree State Stars, abaphathi, ithimba labaqeqeshi, abalandeli noMakhehleni lifisela uTight ukululama okusheshayo.
“Ekujuleni kwenhliziyo yami angikwenzanga ngenhloso. Ngiyafisa ukuthi ululame ngokuphuthuma,” kusho uMakhaula.
UMolangoane, okubonakale unyawo lwakhe lutebezela emoyeni ngemuva kokushayisana noMakhaula, uphuthunyiswe esibhedlela ngaleso sikhathi kubonakala ukuthi usezinhlungwini. Ngemuva komdlalo, okhulumela iChiefs, uVina Maphosa, utshele iSuperSport ukuthi isiphekepheke esiwuMolongoane siphukile okungenzeka sihlale izinyanga singabonakali. Izolo uVina uthe umdlali useyile kohlinzwa kodwa bazozwa ezinsukwini ezimbili kuya kwezintathu ukuthi uzohlala isikhathi esingakanani.
Uthe bebengakasiboni isixoliso sikaMakhaula.
Umqeqeshi waMakhosi, uGiovanni Solinas, ukhalise okwengane ebalisa ngokulimala kukaMolangoane, omunye wabadlali abagqamile koweStars.
“Abadlali bami bashaqekile ngokulimala kukaMolangoane. URama (Ramahlwe Mphahlele) kade ngikhuluma naye, ushaqekile. Balahlekelwe nguzakwabo, silahlekelwe wumdlali obalulekile. Umlenze wakhe uphukile. Ngeke sibe naye isikhathi eside” kusho uSolinas.
Namuhla iChiefs izodlala neBaroka FC kowe-Absa Premiership ePeter Mokaba Stadium ngo-7.30 ebusuku.
Omunye umdlali weChiefs ophume enkundleni ethintekile koweStars kube nguSiphelele Ntshangase.
“Isimo sikaNtshangase sikahle akanankinga,” kusho uMaphosa obekhuluma izolo iqembu lisendleleni ebheke ePolokwane.
Uphinde waveza ukuthi unozinti u-Itumeleng Khune ubekhona eqenjini elihambayo.
“Ngeke ngithi uzodlala ngoba sisazofika sijime phambili kodwa ukhona eqenjini elihambayo,” kusho uMaphosa.
UKhune akazange aziqeqeshe neqembu ngoLwesine olwedlule ngemuva kokuthi intombi yakhe, uS’bahle Mpisane, ivelelwe yingozi yemoto.
UKhune ubengekho nasebhentshini emdlalweni weChiefs neStars njengoba bekuvimbe uVirgil Vries.