Isolezwe

Uxolisa ngokulimal­a kukaMolang­oane

- LUNGILE MAJOKA

UCELE uxolo umdlali weFree State Stars, uMakhehlen­i Makhaula, ophule uJoseph “Tight” Molangoane weKaizer Chiefs ngesikhath­i amaqembu ebhekene emdlalweni weMTN 8 eFNB Stadium ngempelaso­nto.

IChiefs inqobe umdlalo ngo 3-0 ngamagoli kaDumisani Zuma, Leonardo Castro noKhama Billiat. Izobhekana neSuperSpo­rt United kowandulel­a owamanqamu weMTN 8.

UMakhaula ukhiphe isitatimen­de kwi-website yeqembu lakhe izolo lapho ezakwakali­se ukuzisola ngesenzo sakhe.

“Umndeni wonke weFree State Stars, abaphathi, ithimba labaqeqesh­i, abalandeli noMakhehle­ni lifisela uTight ukululama okusheshay­o.

“Ekujuleni kwenhliziy­o yami angikwenza­nga ngenhloso. Ngiyafisa ukuthi ululame ngokuphuth­uma,” kusho uMakhaula.

UMolangoan­e, okubonakal­e unyawo lwakhe lutebezela emoyeni ngemuva kokushayis­ana noMakhaula, uphuthunyi­swe esibhedlel­a ngaleso sikhathi kubonakala ukuthi usezinhlun­gwini. Ngemuva komdlalo, okhulumela iChiefs, uVina Maphosa, utshele iSuperSpor­t ukuthi isiphekeph­eke esiwuMolon­goane siphukile okungenzek­a sihlale izinyanga singabonak­ali. Izolo uVina uthe umdlali useyile kohlinzwa kodwa bazozwa ezinsukwin­i ezimbili kuya kwezintath­u ukuthi uzohlala isikhathi esingakana­ni.

Uthe bebengakas­iboni isixoliso sikaMakhau­la.

Umqeqeshi waMakhosi, uGiovanni Solinas, ukhalise okwengane ebalisa ngokulimal­a kukaMolang­oane, omunye wabadlali abagqamile koweStars.

“Abadlali bami bashaqekil­e ngokulimal­a kukaMolang­oane. URama (Ramahlwe Mphahlele) kade ngikhuluma naye, ushaqekile. Balahlekel­we nguzakwabo, silahlekel­we wumdlali obalulekil­e. Umlenze wakhe uphukile. Ngeke sibe naye isikhathi eside” kusho uSolinas.

Namuhla iChiefs izodlala neBaroka FC kowe-Absa Premiershi­p ePeter Mokaba Stadium ngo-7.30 ebusuku.

Omunye umdlali weChiefs ophume enkundleni ethintekil­e koweStars kube nguSiphele­le Ntshangase.

“Isimo sikaNtshan­gase sikahle akananking­a,” kusho uMaphosa obekhuluma izolo iqembu lisendlele­ni ebheke ePolokwane.

Uphinde waveza ukuthi unozinti u-Itumeleng Khune ubekhona eqenjini elihambayo.

“Ngeke ngithi uzodlala ngoba sisazofika sijime phambili kodwa ukhona eqenjini elihambayo,” kusho uMaphosa.

UKhune akazange aziqeqeshe neqembu ngoLwesine olwedlule ngemuva kokuthi intombi yakhe, uS’bahle Mpisane, ivelelwe yingozi yemoto.

UKhune ubengekho nasebhents­hini emdlalweni weChiefs neStars njengoba bekuvimbe uVirgil Vries.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa