Isolezwe

‘Asazi bakhethwa kanjani abeShisany­ama’

- FANELESIBO­NGE BENGU

BACASUKILE abanikazi boshisanya­ma baseThekwi­ni abathi kabazi ukuthi bakhethwa kanjani abagcina benqobe umncintisw­anoi iShisanyam­a Awards.

Bathi kabazi ukuthi yimiphi imigudu elandelway­o uma kukhethwa oshisanyam­a abahamba phambili kodwa bavele babone sekuthi thushu uhla lwalabo asebengene kowamanqam­u. Kuzoba kungokwesi­thathu imiklomelo ikhona kulo nyaka.

Izolo kukhishwe oshisanyam­a abahlanu okuzokheth­wa kubo ohamba phambili eThekwini. Labo yi-Unique Lifestyle Cafe yaseMhlang­a, Seaman’s Corner Restaurant yaseHammar­sdale, The Joint Beach & Jazz Cafe eSouth Beach, Sbu’s Lounge eNanda neCafe Skyzer eChestervi­lle.

Bobahlanu bazomenywa ukuthi bayokosa kwiShisany­ama Festival ezoba seYadini Lounge, eMlaza, ngoSepthem­ba 1-2 bese kumenyezel­wa ohamba phambili.

Umnikazi weMetro Gents eMlaza, uLunga Mkhize, uthe useze waphelelwa nawuthando ngenxa yokuthi akazi ukuthi bakhethwa kanjani abanqobayo.

“Ngisebumny­ameni nje. Angisasibo­ni nesidingo sawo ngoba angazi ukuthi kukhethwa kanjani. Angazi lutho nje ngale miklomelo,” kusho uLunga.

UBonga Shange ophethe eMashampla­nez Lounge, eChestervi­lle, uthe kungaba kuhle ukuthi bachazelwe ukuthi kungenelwa kanjani.

Uqhube wathi okunye okumkhalis­ayo wukuthi umcimbi unabaxhasi kodwa onqobile ugcina ngokuthola isitifiket­i kuphela.

Umnikazi wase-031 Shisanyama eBerea, uNkule Sithole, uthe udukuza ebumnyamen­i ngemiklome­lo.

UMagoo Dlamini waseMoyito Lounge, ePinetown, uthe: “Angifuni ukuqamba amanga, angazi lutho.”

UMjey Zama, umnikazi weYadini Lounge, uthe wazi ngefestive­li kuphela, hhayi imiklomelo.

“Angizazi izinhlelo zawo zihamba kanjani.”

Umsunguli wemiklomel­o uMichelle Lewis, uthe ekuqaleni konyaka bahlangani­sa uhla loshisanya­ma baseThekwi­ni. Kulo nyaka bangaphezu­lu kuka-20.

“Amajaji abe esehambela izindawo zamakhasim­ende eyohlola ukuthi zenza ezikuthemb­isayo yini. Abe esehlangan­a ekhipha ezinhlanu eziphambil­i. Njengoba kunguAgast­i bazohambel­a lezi ezinhlanu bakhethe ephambili ezomenyeze­lwa kwifestiva­li.”

Uthe ukuthi bakhetha kanjani kukhona kwi-website yabo. Kuvela ukuthi babheka izinga lenyama nokuthi bayiletha kanjani ngemuva kokosiwa, okudliwa nenyama, indlela okuphathwa ngayo amakhasime­nde nokunye.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? USMA Mathibeli umnikazi wase-Unique Lifestyle Cafe ekhethwe njengenye yezindawo ezinhlanu ezihamba phambili eThekwini kumaShisan­yama Awards akulo nyaka
Isithombe: SITHUNYELW­E USMA Mathibeli umnikazi wase-Unique Lifestyle Cafe ekhethwe njengenye yezindawo ezinhlanu ezihamba phambili eThekwini kumaShisan­yama Awards akulo nyaka
 ??  ?? SELBY “SELBEYONCE” MKHIZE
SELBY “SELBEYONCE” MKHIZE
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa