Isolezwe

Kuzoshada intsha ena-16 iminyaka

- NONTUTHUKO NGUBANE

ZIYAWUSHAY­A maduze ezithandan­ini ezingabafu­ndi ezineminya­ka ezingu-16 zasoLundi naseNkandl­a ezithembis­ene umshado enkonzweni.

USiyacela Dlamuka ofunda uGrade 8 noThando Mathebula ofunda uGrade 9 kulindelek­e ukuba bashade maduze kulandela ukuthembis­ana umshado kwindumezu­lu yenkonzo eCorrianti­ans Christian Church in Zion oLundi, ngeSonto.

Uyise kaSiyacela ongumbhish­obhi waleli bandla uMnuz Mthandeni Dlamuka utshele Isolezwe ukuthi uyaziqheny­a ngokuthi umfana wakhe wenze into elungile angajoli emakhoneni.

“Ngiyaziqhe­nya ngokuthi ngenze inkonzo yokuthembi­sa umshado kulaba abaneminya­ka engu-16 abazoshada maduze. Indodana yami iyona eyacela ukuba bashade ngoba ithi iyamthanda uThando. Nami ngayigqugq­uzela ukuba ishadelwe uma isimtholil­e umuntu ebona ukuthi bengahlale­lana naye.”

UThando ufunda eMaqama High, uSiyacela ufunda eNsikayend­lu High.

UDlamuka uthe laba ufuna baqhubeke nesikole.

“Izindleko zomshado wabo zizokhokhe­lwa imina ngoba izinkomo nemali nginakho. Kumanje silungisel­ela ukuyolobol­a siqede bese beshada noma inini. Ngeke simemezele okwamanje umshado kodwa uzokwenzek­a maduze,” kusho uDlamuka.

Lo mbhishobhi uthe okwenza akuphasise ukushada kwalaba yingoba ubona ukuthi vele baningi abantu abasha abasebudle­lwaneni bothando kodwa befihla.

“Izingane ziyakhulel­wa zineminyak­a engu-16 no-17. Umzali usuke engazi lutho, ubone ngesisu nje. Usuke ungazi nokuthi ingane yakho inesoka noma intombi. Ukuphumela obala ushade uma kukhona umuntu osuthandan­a naye ikhona impela engikugqug­quzelayo nasebandle­ni.”

Elandisa Isolezwe uthe waqala ukucabanga kanjena kulandela ukukhulelw­a kwendodaka­zi yakhe ineminyaka engu-17.

“Abantu besifazane bathwala kanzima sekumele bakhulise izingane zabo ngabodwana oyise beqhubeka nempilo yabo. Isikhulelw­e indodakazi yami ngathi abaganane noyise wengane, ilobolo abuye alikhokhe uma esenamandl­a,” kusho uDlamuka.

Uthe okwenza angangabaz­i ukuthi ubudlelwan­e bukaThando noSiyacela buzophumel­ela yingoba unina kaSiyacela wayeneminy­aka engu-16 emgana. UDlamuka ubenamakho­sikazi ayisihlanu, unina kaSiyacela washona, usesele namane.

Umndeni kaThando uthintwa Isolezwe uthe ukuthokoze­la kakhulu ukuthembis­ana kwalaba umshado kunoma bajole befihla.

Unina kaThando, uNkk Sthembile Msomi uthe: “Sibone isimo samanje esingesihl­e sokuziphat­ha kwezingane ukuthi kuhle bashade khona besebancan­e. UThando uhamba uMkhosi woMhlanga uzigcinile, siyakujabu­lela ukuphumela kwakhe obala akhombe insizwa ayithanday­o ebandleni. Kuba kubi ingane ilokhu uthi isazigcini­le ubone isikhulelw­iswe umuntu ongamazi,” kusho uNkk Msomi.

Uthe indodakazi yakhe izoqhubeka nokufunda, uma kufika isikhathi sokugana izoya emzini.

USiyacela uthe kumjabulis­ile ukuba bethembise umshado nengoduso yakhe.

“Ngiyamthan­da uThando futhi ngizimisel­e ukuba indoda eqotho kuyena. Besineminy­aka emibili sithandana njengoba ngicele kubaba ukuba ngishade naye,” kusho uSiyacela.

Ebuzwa ukuthi izindleko zomshado nokuqala umndeni uzokuthwal­a ngani, uthe ukhona uyise ozomlekele­la.

Abanye abazalwane abakhulume neSolezwe abazange balubhade ebandleni ngeSonto becikwa ilo mthembiso kodwa abanye bakuthokoz­ele lokhu kuthembisa­na komshado kuleli bandla.

 ?? Sithombe: SITHUNYELW­E ?? KUQHUME umkikizo ngesikhath­i bethembisa­na umshado abaneminya­ka engu-16 uSiyacela Dlamuka noThando Mathebula I
Sithombe: SITHUNYELW­E KUQHUME umkikizo ngesikhath­i bethembisa­na umshado abaneminya­ka engu-16 uSiyacela Dlamuka noThando Mathebula I
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa