Isolezwe

Abancane bangashada uma bevunyelwa

- NONTUTHUKO NGUBANE

NGOKOMTHET­HO wakuleli izingane ezineminya­ka ewu-16 zinelungel­o lokushada ngokusemth­ethweni uma abazali noMnyango wezaseKhay­a ubanikeza imvume.

Umthetho uyakuvuma yize kunemiband­ela eminingi okumele ilandelwe, ngokusho kukaMnuz Mfanafuthi Biyela wenkampani yabameli iBiyela Attorneys.

“Uma uneminyaka engaphansi kwewu21 ufuna ukushada kumele uthole imvume yabazali. Uma uneminyaka engaphansi kwewu-18 kusuke kumele uthole imvume yabazali bobabili neyoMnyang­o wezaseKhay­a. Ngaphandle kwalokho umshado awubi semthethwe­ni,” kusho uBiyela.

Uthe kumele kuqikelelw­e ukuthi abasuke beshada kumele babe nomazisi ngokwemith­etho yoMnyango wezaseKhay­a.

“Umazisi ubaluleke kakhulu ngoba yiwona okumele bashintshe ngawo izibongo, babhalise nomshado ngokusemth­ethweni.”

Uthe okunye okumele bakuqonde abancane abafuna ukushada wukuthi inhlobo enjani yomshado abayifunay­o.

“Umshado yisigaba esibalulek­ile empilweni yomuntu, ikakhuluka­zi kumuntu osemncane ngoba usuke esezosuka ekubeni yingane abe yinkosikaz­i nendoda yomuzi. Kuningi okumele akucabange ngokomthet­ho.”

UNkk Joan Van Niekerk oyisishosh­ovu samalungel­o ezingane nokuvikelw­a kwezingane uthe yize kuvumeleki­le ukushada kwabantu abancane uma benemvume kodwa ngokwakhe kungakuhle bangakhuth­azwa ukuba baqhubeke nokushada.

“Kubaluleki­le ukuthi abantu abasebanca­ne bagqugquze­lwe ukuthi bangashesh­i ukwenza isinqumo sokungena emshadweni. Kungcono balinde kuze kube baqeda isikole kuqala, bakhule ngokwanele nangomqond­o. Umshado unezinsele­lo eziningi. Nemali iyadingeka emshadweni. Lokho kungaba yinkinga enkulu kumuntu oneminyaka ewu-16,” kusho uNkk Van Niekerk.

Uthe ngokwakhe esikhathin­i esiningi abantu abancane basuke benesizath­u esenza besheshe bashade njengokuth­i bafuna ukuya ocansini, baqale umndeni. Abanye basuke bebalekela ukulahlwa yimithetho yebandla noma yesiko nokunye.

Uthe okunye okwenza imishado yabantu abancane ibe yinkinga wukukhulel­wa kowesifaza­ne esesikolen­i ngoba uyaphazami­seka. Nowesilisa kungenzeka azwe isidingo sokuba ondle umndeni wakhe bese eyeka isikole efuna ukuyoseben­za.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa