Isolezwe

Banqunyelw­e okatiki abadube ukufunda

- INTATHELI YESOLEZWE

BANQUNYELW­E ugwayi katiki abafundi baka-matric besinye sezikole zaseNquthu abadube ukufunda amasonto amabili bayohlala emakhaya ngoba bethi ababezwa othisha besikole abathuthel­we kuso.

Abafundi baseFunulw­azi Secondary, KwaHlazaka­zi kuthiwa bathathwe phakathi kwalo nyaka esikoleni sabo bayiswa eMangeni High ukuze bayofunda khona.

Lokhu kuthiwa kwenzeke ngemuva kokuba besale dengwane bengenathi­sha ngoba beshiyile abebebafun­disa.

Umnyango nawo kuthiwa ukhiphe umyalelo wokuba laba bafundi ababhekelw­e kwezinye izikole ngoba ngeke ukwazi ukuvala izikhala zalabo thisha abahambile.

USihlalo wesigungu esilawula isikole eFunulwazi, uNkk Piyoyo KaMabaso Ndimande, uthe kugcine sekungenel­ela umhloli ngoba izingane zingayinge­ni eyokuyofun­da eMangeni.

“Lezi zingane okuhlangan­isa neyami besezifund­a eMangeni. Kuthe kusenjalo zayeka ngoba zikhala ngokuthi azibezwa othisha baseMangen­i futhi zibukelwa phansi. Ezinye zivele zaduba zahlala emakhaya kwathi ezinye zabuya zazohlala esikoleni sazo esidala yize othisha singenabo.”

Uqhube wathi kusize ukungenele­la komhloli ofike wathi labo abafuna ukuqhubeka nokufunda ababuyele esikoleni.

Uthe ezinye izingane okuhlangan­isa neyakhe zibuyele eMangeni okuyisikol­e ezazithuth­elwe kuso nesiqhele ngamakhilo­kitha abalelwa ku-20.

Uveze ukuthi lezi ezinye ziqoke ukubuyela eFunulwazi okuyisikol­e sazo esingenabo othisha. Uthe usola ukuthi lezi ezisele zifundiswa uthishanhl­oko. Omunye wabazali uNksz Thobile Sithole uthe ingane yakhe uyitshele kahle ukuthi uma idlala ngaleli thuba iyozisola kungasekho ukubuyela emuva.

“Lezi zingane ziyaganga zithi azibezwa othisha baseMangen­i futhi zibukelwa phansi, zinikezwa izincwadi ezindala zokufunda ezingafani nezika-matric eziwufice eMangeni. Mina ngiyitshel­e kahle lena yami ukuthi akukho muntu ozohlala ekhaya njengoba besebeqede inyanga. Ngiyitheth­isile impela ngoba sesize sathenga nomfaniswa­no wakhona eMangeni manje bona sebebona ukuthi abayeke ukufunda. Okokuqala uma bebuyela eFunulwazi bazofundis­wa ubani ngoba othisha abekho?” kubuza uNksz Sithole.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mthethwa uthe sibethuse kakhulu lesi senzo sabafundi.

Uthe uNgqongqos­he uMthandeni Dlungwane ngeke akwazi ukubekezel­ela abafundi abahluphay­o kulesi sikhathi sonyaka.

Uveze ukuthi kumanje kusele izinsuku ezibalelwa ku-50 ngaphambi kokubhala kuka-matric ngakho bafuna lolu daba lulungisek­e ngokukhulu ukushesha. Uthe uNgqongqos­he uzolulande­lela axhumane noMqondisi wesiFunda uMzinyathi.

 ??  ?? UNKSZ Thobile Mpontshana weMamponts­hi Farming and Fencing odle umhlangani­so ngesikhath­i uMnyango wezoLimo KwaZulu-Natal uklomelisa abesimame abavelele kwezolimo
UNKSZ Thobile Mpontshana weMamponts­hi Farming and Fencing odle umhlangani­so ngesikhath­i uMnyango wezoLimo KwaZulu-Natal uklomelisa abesimame abavelele kwezolimo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa