Ugoduke noR425 000 ewina kowezolimo
UGODUKE noR425 000 owesifazane waseVryheid ongumlimi ophume phambili emncintiswaneni wokuchonywa uphaphe kwabesifazane abenza kahle emkhakheni wezolimo, iFemale Entrepreneur Awards
Lezi zindondo ezihlelwa uMnyango wezoLimo KwaZulu-Natal ubuseBallito, izolo.
UNksz Thobile Mpontshane onepulazi lezingulube iMampontshi Farm and Fencing, akakholwanga ngesikhathi kumenyezela ukuthi nguye obashaye bonke emakhanda ekubeni kade esewine iminxa emibili, okuwumunxa wabalimi abalimela ukudayisa iTop Enteprenuer Commercial athole kuwo uR125 000, umunxa okhethwa ungqongqoshe, iMEC’s Special Award, athole kuwo uR50 000. Ngemuva kokuqhathwa nabo bonke abawine eminxeni eyehlukene udle umhlanganiwo wabashaya bonke emakhanda wathola uR250 000.
UNksz Mpontshana oneziqu zezokuvakasha uthe washiya phansi umsebenzi endaweni yokulala eJozini ngemuva kokuthi inkampani eyayimqashile ithi izomehlisela umholo.
“Ngangihola uR4 000, kwathiwa imali esiyiholayo izokwehliswa ibe nguR2 500. Ngabona ukuthi sekufana nokuhlala ekhaya ngashiya phansi. Ngaleso sikhathi ngangishadile umyeni wami engumlimi. Le mali eyenza ngosuku, wangigqugquzela ukuthi nami ngingene kulo mkhakha kodwa ngangifuna ipulazi lezinkomo ngoba ekhaya bezifuyiwe,” kusho yena.
Uqhube wathi akuhambanga ngendlela ayehlele ngayo, wathola ipulazi lezingulube ngo-2014, aliqashe eMnyangweni wezeMihlaba.
“Ngifunde ngendlela ngilekelelwa abantu engisebenza nabo ngolwazi. Mina bengilokhu ngifunda kancane kancane.
“Namanje ngisafunda kodwa engikufundile ukuthi izingulube zithanda ukuthandwa, uma ufika egoqweni lazo uyaxoxa nazo njengoba wenza ezinganeni zakho,” ehleka.
UNkk Mpintshana udayisa izingulube ezingu-80 ezikhiqiza ubhekeni njalo ngesonto.
Unezinkomazi ezingu-220 nezinkunzi eziyisithupha.
UNgqongqoshe walo mnyango uMnuz Themba Mthembu uthe u-43% wabesifazane abayibambe ishisa emkhakheni wezolimo emhlabeni, e-Afrika bawu-80% abasebenza kulo mkhakha, iningi labo ngabasemakhaya kodwa abanawo amandla okulawula umhlaba.
“Njengoba kade kunezigcawu ezidingida udaba lokubuyiswa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo, bebeyingcosana abesifazane Abebeyingxenye yazo kodwa emasimini ufica kuyibona abaningi,” kusho yena.
UNksz Bhekisephi Xulu osebenza epulazini iChase Farm, eliseShowe udle umhlanganiso emunxeni iBest Farm Worker. UNkk Sizakele Zuma uwine emunxeni wabalimela ukudla iBest Subsistance Producer, emunxeni wabalimi abasafufusa, iTop Entreprenuer Small Holder kuwine iMagema Fruit and Vegetables Primary Co-op, kwiTop Entreprenuer Processing, kuwine, iFrutee Bellies esungulwe izelamani zamaMthethwa uNksz Lisa Mthethwa noNkk Lona Mnguni uMaMthethwa.
UNksz Mpontshana uzomela lesi sifundazwe emncintiswaneni ofanayo okuzobe kuqhathwe kuwo abesifazane abawine kwezinye izifundazwe ozoba ngasekupheleni kwale nyanga.
Ikomiti lezempilo ePhalamende lihambele izikhungo zezempilo eziseMgungundlovu beyothola ukuthi kukhona yini ushintsho oselube khona kusukela kulethwe uhlelo olungumahamba nendlwana lomshwalense wezempilo iNational Health Insurance (NHI).
Obambe kwesokuba ngusihlalo wekomiti lezempilo ePhalamende, uMnuz Fish Mahlalela, uthe bebefuna ukubona ukuthi yimuphi umehluko osukhona ezikhungweni zezempilo eziseMgungundlovu. Lokhu kuhambisana nezinhlelo zalo zokuhambela izikhungo zakulesi sifundazwe okubalwa kuzo ezaseThekwini. Ngokusho kwakhe okubalethe eThekwini ukuzobheka izingqinamba zemitholampilo kamasipala emuva kokuphuma kombiko othi le mitholampilo ayenzi kahle ekunakekeleni iziguli.
Izolo, bahambele umtholampilo waseMpumuza, isibhedlela i-Edendale, iFort Napier Psychiatric Hospital, nesibhedlela iGrey’s.
Ekhuluma emuva kokuhambela umtholampilo waseMpumuza nesibhedlela sase-Edendale uthe bathole izinkinga ezahlukene ezinye zazo abakholwa ukuthi kufanele zisheshe zilungiswe. “Emtholampilo wakwaMpumuza sithole ukuthi kunomthamo omkhulu wabantu kodwa umtholampilo mncane. Okunye okusikhathazile ukuthi kunendawo okulinda kuyo iziguli engavalekile. Lokhu kuyinkinga njengoba uMgungundlovu uyindawo ebandayo futhi kusazona imvula ehlobo. Akukuhle ukuthi iziguli zilindiswe endaweni enjal,” kusho uMahlalela.
Uthe esibhedlela sase-Edendale bathole ukuthi kunenkinga yokushoda kwabasebenzi okubalwa kubo abahlengikazi, abasebenzi basekhemisi nabasebenzi abenza imisebenzi engeyona eyokwelapha iziguli.