Isolezwe

Abebezenza abagibeli ‘babulale’ umshayeli wetekisi

- LUNGI LANGA

BAGCWELE amathafa abalisa ababili abasolwa ngokudubul­a babulale usomatekis­i eCanelands, eVerulam, bezenza abagibeli.

Kusolakala ukuthi lo mshayeli wetekisi udutshulwe kabili ekhanda abalisa ababili abebesetek­isini iToyota Quantum abeyishaye­la ngesikhath­i beseduze kweShoprit­e Distributi­on Centre, eCanelands. Lesi sigameko senzeke emgwaqweni uNew Glascow, eCanelands.

UMnuz Prem Balram, okhulumela abezimo eziphuthum­ayo iReaction Unit South Africa uthe babizelwe endaweni yesigameko emuva kwehora lesishiyag­alolunye izolo ekuseni.

“Sithintwe ngumlimi obedlula le tekisi emhlophe iToyota Quantum ngesikhath­i ezwa kuqhuma isibhamu. Ngesikhath­i itekisi ima kuthiwa kubonakale abalisa ababili bebaleka ngezinyawo beya ngasemfule­ni. Ngokusho kwabagibel­i laba balisa bobabili bebephethe izibhamu,” kusho uBarlam.

Kuthiwa abanye abagibeli basaphazek­e endaweni yesigameko, bebaleka ngoba besabela impilo yabo. Kube sekutholak­ala inhlamvu eyodwa ngaphakath­i emotweni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala ukuqinisek­isile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokubulala emuva kokubulawa komshayeli wetekisi.

Uthe kusolakala ukuthi lo mshayeli ubulawe abalisa ababili abebezenza abagibeli.

UCaptain Gwala uthe laba balisa abangaziwa kukholakal­a ukuthi bamise itekisi bezenza abagibeli, bagibela base bamdubula ngaphandle kokukhulum­a lutho kuyena.

“Umshayeli ulimale ekhanda, kwaqinisek­iswa ukuthi ushonile endaweni yesigameko. Isizathu sokubulawa kwakhe asikaziwa. Amaphoyisa avule icala lokubulala kanti bekungakab­oshwa muntu,” kusho uCaptain Gwala.

 ?? Isithombe: REACTION UNIT SOUTH AFRICA ?? ISALE kanje itekisi ngesikhath­i kudutshulw­a umshayeli ngabalisa ababili abebezenza abagibeli eCanelands, eVerulam izolo
Isithombe: REACTION UNIT SOUTH AFRICA ISALE kanje itekisi ngesikhath­i kudutshulw­a umshayeli ngabalisa ababili abebezenza abagibeli eCanelands, eVerulam izolo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa