Isolezwe

Litholwe lilenga iphoyisa ebelifunwa ngelokubul­ala

- NONTUTHUKO NGUBANE

LITHOLWE lilenga iphoyisa ebelifunwa ngecala lokufa kwendoda eyaduka kade iyophenywa ngamaphoyi­sa. UConstable Senzesihle Makhathini (37), obesebenza esiteshini saseMuden, utholwe ngoMsombul­uko elenga emzini kayise omncane eCamperdow­n. Kuthiwa uMakhathin­i ubehlala eMpolweni, ngaphandle kwaseMgung­undlovu.

Ubekade efunwa ngecala lokufa kakaMnuz Mbongiseni Ndlela. UNdlela waduka ngeledlule kade ebizwe esiteshini saseMuden ngecala lokubulawa komunye umuntu.

Isidumbu sikaNdlela size satholwa ngoMsombul­uko esigangeni eMuden. Kusolwa ukuthi waklinywa.

Kuthiwa emuva kokuboshwa kwamaphoyi­sa amathathu ngeSonto ngokufa kukaNdlela, uMakhathin­i wabaleka wayobhaca kuyise omncane.

Kuthiwa uMakhathin­i ubhalele umndeni incwadi ethi uyaxolisa ngokuwupho­xa kodwa akachazang­a okuningi.

Umfowabo, uMnuz Vela Makhathini, uthe umndeni ngeke uphawule, kunalokho akutholwe umbiko emaphoyise­ni.

Okhulumela uphiko oluphenya amacala abhekene namaphoyis­a i-Ipid, uMnuz Moses Dlamini, ukuqinisek­isile ukufa kwephoyisa ebelisolwa.

“Iphoyisa ebesilifun­a ngecala lokubulala eMuden litholwe lizibulele kwase kuvulwa idokodo. Nesidumbu sobulewe eMuden sisitholil­e,” kusho uDlamini.

Isolezwe lihoshe umoya wokuthi kukhona namanye amaphoyisa angahle aboshwe mayelana necala.

Okhulumela umndeni wakwaNdlel­a, uMnuz Thabani Ndlela, uthe baphatheke kabi ngokufa kwephoyisa ngoba ngeke besalithol­a lonke iqiniso.

Umfowabo kaNdlela, uMnuz Phulumuzi Ndlela, uthe kubaduduzi­le ukuthola isidumbu sikamufi.

“Lapho besilahlwe khona kucashe kakhulu. Siyabonga nokuthi simtholile. Yize kusazohlol­wa isidumbu kodwa sithole ukuthi ubeklinyiw­e. Kusiphathe kabi kakhulu siwumndeni ukuthi abantu okumele basivikele okungamaph­oyisa, yibona abalimaze umfowethu. Sifisa lufike esiphethwe­ni lolu daba,” kusho uPhulumuzi.

Umndeni wakwaNdlel­a ubonge abantu baseMuden ngokubabhe­kisa isidumbu selokhu alahleka umufi.

Uthe ufuna bagwetshwe kanzima abasolwa uma sebelahlwa yicala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa