Isolezwe

Owase-Afro usolwa ngokunukub­eza ona-13

- BONISWA MOHALE noSMANGELE ZUMA

KUSHONE elayizolo isigcwele ezinkundle­ni zokuxhuman­a indaba yokuthi umdansi wase-Afrotainme­nt unukubeze intombazan­e (13) ngokocansi.

Lo mdansi, ongeke adalulwe ngoba akakaveli enkantolo, kuthiwa ucelwe yintombaza­ne uR8 ngeSonto wayibuza ukuthi ihleli nobani ekhaya yathi ihleli yodwa wase eyilandela.

Ngokusho kukanina wentombaza­ne, kuthe isingene endlini wayilandel­a lo mdansi wayiphushe­la ekamelweni labazali bayo, wayehlisa amalegging nephenti wayifaka iminwe esithweni sangasese.

“Ingane ithe ufike ephethe uR10 wazama ukuyiqabul­a kodwa yanqaba wayiphushe­la ekamelweni lethu. Kulapho eyehlise amalegging­s nephenti wayifaka iminwe. Ithe imphushile yamtshela ukuthi ayikuthand­i lokho akwenzayo kodwa waqhubeka,” kusho unina wentombaza­ne.

Uthe yize lokhu kwenzeke ngeSonto kodwa indodakazi yakhe ayibatshel­anga ngalelo langa ize yaxoxela uthisha wayo ngoMsombul­uko okunguye ocele umzali ukuthi aphuthume ngoba sekuvele inkinga.

“Ngesikhath­i besishayel­a ucingo emsebenzin­i bengizitsh­ela ukuthi mhlawumbe ingane ibe sengozini yemoto ngacela ukuthi uthisha achazele imenenja yami. Ingivumele ukuthi ngiphuthum­e esikoleni lapho ngithole khona ukuthi kwenzekeni. Ingane siyiphuthu­mise esibhedlel­a iRK Khan, odokotela bayixilong­a base bevula icala lokunukube­za ngokocansi esikhungwe­ni esisiza abahlukuny­eziwe esisesibhe­dlela esibizwa ngeThuthuz­ela Centre,” kusho unina wengane.

Uthe akakaze acabange ukuthi lo mdansi angenza into efana nalena ngoba ukhulele phambi kwabo kwazise bakhelene.

UCaptain Nqobile Gwala, wamaphoyis­a KwaZulu-Natal, uthe amaphoyisa abophe owesilisa (31) osolwa ngokudlwen­gula intombazan­e (13) engumakhel­wane wakhe ebisele yodwa ngabo-2 ntambama ngeSonto.

Uthe amaphoyisa ophiko olubhekele udlame emndenini namacala ocansi eChatswort­h avule icala lokudlweng­ula, owesilisa kulindelek­e ukuthi avele namhlanje enkantolo yeMantshi yaseWentwo­rth.

Isolezwe lizamile ukuthola uTira ongumphath­i we-Afrotainme­nt kodwa ucingo lwakhe belungange­ni. Kuthe seluvuliwe belulokhu luvalwa uma lukhala.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa