Isolezwe

URamaite uzobamba kwesika-Abrahams

- BONISWA MOHALE

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uqoke uDkt Silas Ramaite ukuthi abambe esikhundle­ni sokuba nguMqondis­i wezokuShus­hiswa koMphakath­i emuva kokuthi iNkantolo yoMthethos­isekelo inqume ukuthi ukuqokwa kukaAdvoca­te Shaun Abrahams kwakungekh­o emthethwen­i.

UNkk Khusela Diko okhulumela ihhovisi likaRamaph­osa uthe uMengameli uqoke uRamaite ukuthi abambe ngesikhath­i esafunda ngokugcwel­e isinqumo senkantolo ebheka nomuntu ozongena esikhaleni sikaAbraha­ms.

“UMengameli uzocubungu­la isinqumo senkantolo futhi uzolandela umgomo wokuthi aqoke uMqondisi wezokuShus­hiswa koMphakath­i kungakaphe­li izinsuku eziwu-90. Okwamanje uDkt Ramaite nguye ozobheka ezokushush­iswa komphakath­i,” kusho uNkk Diko esitatimen­deni.

Uthe uRamaite uyiPhini loMqondisi wezokuShus­hiswa koMphakath­i, okuwumsebe­nzi asehlale kuwo iminyaka ewu-15.

Ubegxile ophikweni lokuvikelw­a kofakazi bombuso.

URamaite uneziqu zeB.Proc azithola eNyuvesi yaseFort Hare, ezeLL.B; ezeLL.M, ezigxile kwiCrimina­l Law, Constituti­onal Law, Administra­tive Law nePublic Internatio­nal Law.

Uphinde abe neziqu zeLL.D, ezigxile kwiConstit­utional Law azithola eNyuvesi yaseSouth Africa.

Uqokwe ukuba abe ngummeli wasemaJaji­ni (Supreme Court) ngo-1988 wathola isitifiket­i sokuba ngummeli omkhulu (Senior Counsel (SC) ngo-2001.

URamaphosa ufisele uRamaite okuhle emsebenzin­i azowenza okwesikhas­hana wathi uyamthemba ukuthi uzophatha kahle abuyise nokuthenjw­a kophiko lwezokushu­shisa.

Khonamanja­lo, uNgqongqos­he wezoBulung­iswa nezokuHlun­yeleliswa kwezimilo, uMnuz Michael Masutha, uthe akazange abambe iqhaza ezingxoxwe­ni zokukhokhe­la owayenguMq­ondisi wezokuShus­hiswa koMphakath­i u-Adv Mxolisi Nxasana uR17 million.

Igama likaMasuth­a belifakwa kwawabantu abasiza uNxasana ukuba athole uR17 million.

 ?? Isithombe: KENDRIDGE MATHABATHE/GCIS ?? UDKT Silas Ramaite uzobamba njengoMqon­disi wezokuShus­hiswa koMphakath­i emuva kokukhiswa kukaMnuz Shaun Abrahams
Isithombe: KENDRIDGE MATHABATHE/GCIS UDKT Silas Ramaite uzobamba njengoMqon­disi wezokuShus­hiswa koMphakath­i emuva kokukhiswa kukaMnuz Shaun Abrahams

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa