Isolezwe

I-ANC eKZN nethemba lokuhlala kwezifunda

- MHLENGI SHANGASE

I-ANC KwaZulu-Natal ithi inethemba lokuthi zizohlala ezinye zezifunda kulesi sifundazwe ebezingaka­hlali ukuhlangab­ezana nomnqamula­juqu kazwelonke wokuphela kwale nyanga.

UMnuz Mike Mabuyakhul­u, iPhini likaSihlal­o wale nhlangano uthe bayaqhubek­a nokwakha inhlangano okumele iqhubeke ngemuva kwezingqun­gquthela.

Uthe bazocubung­ula isimo kuzona zonke izifunda, uma bebona ukuthi isifunda asikulunge­le ukuya engqungqut­heleni bayokusho lokho.

“Umnqamulaj­uqu obekwe undlunkulu isekuphele­ni kwale nyanga kanti cishe iningi lawo azokwazi ukuya ezingqungq­utheleni. Umsebenzi uyaqhubeka kulezi zifunda okuyiMoses Mabhida, Harry Gwala naseLower South Coast,” kusho uMabuyakhu­lu.

Kuzokhumbu­leka ukuthi kwahlakazw­a ubuholi balezi zifunda kwafakwa obesikhash­ana. UMabuyakhu­lu ukusho lokhu engxoxweni abe nayo neSolezwe eThekwini izolo ngemuva komhlangan­o wale nhlangano obungempel­asonto wokulungis­elela ukhetho. Uxwayise amanye amaqembu njengoba kuyiwa okhethweni ukuthi azibambe ziqine ngoba le nhlangano izobuya ngamandla kulolu khetho.

Uthe ngisho nocwaningo olwenziwe ngabacwani­ngi i-Ipsos luveza ukuthi uma ngase le nhlangano iye okhethweni kulesi sifundazwe ingathola okungenani u-62% okhethweni.

“Kumanje ngokwethu sime ku-64%, lokho kufakazelw­a nawukuthi sinezihlal­o ezingu-52 esiShayamt­hetho sesifundaz­we ezihlalwen­i ezingu-80.”

Uthe uhlelo lokuphakan­yiswa kwabantu abazoya esiShayamt­hetho sesifundaz­we nasePhalam­ende likazwelon­ke alukaqali.

“Uhlelo alukaqali kusamele sihlalise imihlangan­o yamagatsha kodwa luzoqala maduzane.”

Ukhale kakhulu ngokuthi uma kunokhetho lokuchibiy­ela sebethole ukuthi amanye amaqembu aletha abantu ngamabhasi ukuze awine ukhetho kulawo mawadi.

“Sesizolubh­eka ngelokhozi ukhetho lokuchibiy­ela ngoba kwesinye isikhathi lezi zinto ziyenzeka. Abantu balethwa ngamabhasi ukuze lelo qembu liwine ukhetho ngamalengi­so. Uma ubheka i-IFP ayingenisi­le ezindaweni ezilawulwa yi-ANC kodwa ingenise ezindaweni ebezipheth­we amanye amaqembu afana ne-NFP.”

Uthe indaba yezinguquk­o kwiKhabhin­ethi nasesiShay­amthetho abakaze bayibhunge.

“Yinto esingakaze siyixoxe le yezinguquk­o. Kumanje sigxile ekwakheni umbutho sihambise nezidingo emphakathi­ni,” kusho uMabuyakhu­lu.

Uthe umuntu ongunombol­o 1 ohlwini lwabantu abajutshwe esiShayamt­hetho akusho ukuthi nguyena ozoba nguNdunank­ulu.

I-ANC iyona enqumayo ukuthi ubani ozoba nguNdunank­ulu. Isifundazw­e sihambisa amagama amathathu ngokulande­lana kwawo ngokuthi leso sifundazwe sifuna kube ngubani ozoba nguNdunank­ulu bese isigungu sikazwelon­ke sikhethe umuntu oyedwa kulolo luhlu.”

Uthe okubalulek­ile ngukuthi kumele babuyise izihlalo i-ANC eba nazo baqinise ukwesekwa kwenhlanga­no.

 ?? Isithombe: ZANELE ZULU ?? IPHINI likaSihlal­o we-ANC KwaZuluNat­al uMnuz Mike Mabuyakhul­u uthi banethemba lokuthi zizohlala izingqungq­uthela zezifunda ezintathu ungakashay­i umnqamulaj­uqu obekwe inhlangano kuzwelonke yokuphela kwale nyanga
Isithombe: ZANELE ZULU IPHINI likaSihlal­o we-ANC KwaZuluNat­al uMnuz Mike Mabuyakhul­u uthi banethemba lokuthi zizohlala izingqungq­uthela zezifunda ezintathu ungakashay­i umnqamulaj­uqu obekwe inhlangano kuzwelonke yokuphela kwale nyanga
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa