Bafunda izincwadi ezilotshwe ngabafundi
UKUBHALA kunento okuyenzayo emqondweni womfundi, kungenzeka ungabikhona umehluko ngaleso sikhathi kodwa ngokuhamba kwesikhathi ikhono liyathuthuka.
Lokhu kushiwo uthishanhloko waseSogidi Primary, eKwaSogidi, eBhamshela, uNkk Nokuthula Sibisi. Abafundi bakulesi sikole babhale izincwadi ezine ezifundwa kulesi sikole phakathi kuka-2014 no-2017.
Ezimbili zalezi zincwadi zibhalwe ngesiZulu, ezimbili zibhalwe ngeSiNgisi. UNkk Sibisi uthe lesi sikole sinekilabhu yababhali iSogidi Primary Club, eyingxenye yohlelo lokuthuthukiswa kwamakhono okubhala engaphansi kwenhlangano engenzi nzuzo iDancing Pencils, eyasungulwa ngo-2012.
Uthe bagqugquzelwa uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kuleli, uDkt Zweli Mkhize, esewuNdunankulu waKwaZulu-Natal ukuthi bangene kulolu hlelo.
UNksz Skhumbuzile Myeni ohola lolu hlelo kulesi sikole, uthe umsunguli walo uNkk Felicity Keats wabacobelela ngolwazi lokuthi abafundi abasebancane nabo bangakwazi ukubhala kodwa badinga ukukhuthazwa, banikwe umhlahlandlela, kwesinye isikhathi banikwe nesihloko abangabhala ngaso.
“Umfundi uma umbeka endaweni ekhululekile udlale umculo opholile bese umenzela isibonelo sokuthi yini angabhala ngayo, kuyamkhanyela ukuthi yini angabhala ngayo. Ukubhala kwakhe kuba sezingeni lakhe. Ezingeni labo asilindele ukuthi bafake izimpawu zokubhala ezithile okungaba ikhefu, imibuzo nokunye, lokho kufakwa yithi,” kusho yena.
Uthe kwabanye abafundi kuvumbululeka nekhono lokudweba ngesikhathi bedweba izithombe ezihambisana nendaba abayibhalile. Asikho isikali esibekiwe sokuthi isiqephu kumele sibe namagama amangaki. Abafundi babhala ngezinto ezehlukene kusukela ngezinkinga zabo, abantu ababathandayo okungaba ngabazali noma amalungu omndeni, othisha, indawo yakubo nokunye. Abafundi abaneziqephu esezike zaphuma encwadini bafunda uGrade 2 kuya phezulu.
Uthe uma seyiphumile incwadi abafundi bayakukhuthalela ukufunda bafise ukwazi ukuthi ozakwabo babhale ngani. Ezinye zalezi zincwadi uthe zifundwa nangabantu abafunda amabanga aphezulu abasuke beziboleke kubabhali.
“Yize sikhona isikhathi esihlelelwe ukuthi abafundi babhale indatshana esikoleni, uma bethanda bazibhalela emakhaya. Noma yinini uma umfundi efikelwe usinga lokubhala, uyabhala bese eletha indaba yakhe kimina, ngiyihluze bese ngiyidlulisela kuthishanhloko nenhloko yophiko lokubhala, uNksz Thabisile Ngiba nabo bayihluze bese ithunyelwa lapho izobhalwa khona ngekhompyutha,” kusho yena.
Izincwadi ezinezindaba ezimfishane ezibhalwe ngabafundi zishicilelwe umSinsi Press, eyokuqala iRural Children’s Dream, eshicilelwe ngo-2014, ngo-2015, kushicilelwe ethi Where I came from, ngo-2016 kushicilelwe ethi Kusekude, ngo2017 kushicilelwe ethi: Kancane kancane ...... Sekuyasa.
UNkk Sibisi oqale ukubamba izintambo zokuphatha lesi sikole ngo-2010 uthe alukho uhlelo oluqhamukayo abaluzibayo, ngoba bafuna ukuthi umfundi ahluzeke ingqondo esemncane kungabi khona igebe elikhulu phakathi komfundi ofunda esikoleni samabanga aphezulu naphansi.
Kulo nyaka lesi sikole siqokwe ukuthi sibe ngesinye sezikole ezingu-72 ezingaphansi kwesifunda seLembe ezisohlelweni olusiza luphinde lugqugquzela ukuthi abafundi bathande ukufunda, luvukuze namakhono obuciko kubafundi besebancane lwenhlangano iNalibali.
UNksz Slindelwe Nkwanyana oqashwe yinhlangano engenzi nzuzo egqugquzela ukuthi izingane zifunde izindatshana, zingafundeli ukuthi zizohlolwa zithole amamaki ngalokho kodwa zifundele ubumnandi, iNalibali, njalo ngesonto uyafika kulesi sikole azohlangana nabafundi bakaGrade 4 kuya kuGrade 7.
Kulesi sikole kufundwa mahhala, abafundi abafunda kuso abangu-222 bayadla esikoleni njengoba isikole sinohlelo lokudla oluxhaswe wuMnyango wezeMfundo.
Abafundi bakulesi sikole bayasina, badlala ibhola lezinyawo, i-netball ne-chess.
Olunye lwezinhlelo abafundi bakulesi sikole abayingxenye yalo olokuthuthukisa ulwazi lwabo lwezibalo, iMental Maths.
Ngaphandle kwalo kunolunye olufundisa abafundi ngokuphathwa kwezimali i-Economic Management Science (EMS) ehambisana nomncintiswano, i-EMS Quiz, abayingxenye yalo.
Kwi-EMS Quiz kuqhudelana abafundi ngolwazi lwabo lokuphathwa kwezimali esikoleni, abawinile bayoqhathwa nezinye izikole kwisekethe, uma bewina baqhathwa ezingeni lesifunda, iLembe, abadlule kuleso sigaba baye ezingeni lesifundazwe.
Nyakenye lesi sikole sibaqwaqwade bonke abebengenele lo mncintiswano kwisekethe, esifundeni salala isithathu.
UNkk Sibisi uthe abafundi kulolu hlelo bafunda ukuthi uyaba kanjani imali futhi uyonga kanjani imali yakho, yini okumele uyenze uma ufuna ukungena emkhakheni webhizinisi nokuthi ulihlaziya kanjani ibhizinisi lakho, ukuze ubone ukuthi liyayenza yini inzuzo.
“Lawa makhono ayamsiza umfundi uma esekhulile, ezweni lethu kuhlale kukhalwa ngokuthi abantu abaningi abakwazi ukonga imali, kuyavela ukuthi okunye okudala lokhu ukuthi abanalo ulwazi olwanele futhi abazange bakujwayele ukonga besebancane, kuthi noma sebesebenza baqhubeke nokuthi imali abayiholayo bayisebenzise yonke njengoba kade benza besayizingane beyisebenzisa yonke imali abayiphiwe emakhaya,” kusho yena.
Nyakenye uthe lesi sikole besingezinye zezikole ebezinenkulumo mpikiswano efundisa ngokubaluleka kwamaxhaphozi ebeyenziwa uMngeni Water.
Kulo nyaka uthe bayingxenye yohlelo lokuzwa amanzi ngobhoko, lokuvuselela izikawoti, olwenziwa nguMnuz Khethani Njoko, wenhlangano engenzinzuzo iMen and Women in Responsibility.
UNjoko uke wafunda kulesi sikole, uqoke ukuzozwa amanzi ngobhoko esikoleni ayefunda kuso.