Isolezwe

Bathole ibheyili kwelokudla umhlaba

- BONISWA MOHALE

ABANTU abayisishi­yagalombil­i abebeboshe­lwe ukudla umhlaba eBurlingto­n, eduze kwaseQueen­sburgh, eThekwini, bathole ibheyili emuva kokuvela eNkantolo yeMantshi ePinetown izolo.

Owesishiya­lalolunye kubo udedelwe ngesexwayi­so.

Bebekade beboshwe ngoMsombul­uko ngenxa yokuthi baqhubekil­e nokudla umhlaba yize kufe umuntu oyedwa ngoMgqibel­o okusolakal­a ukuthi udutshulwe ngonogada bakaMasipa­la weTheku.

NgoMgqibel­o kushone uMnuz Siyanda Ndlovu (18) okusolakal­a ukuthi udutshulwe wonogada bakwamasip­ala.

Udadewabo kaNdlovu, uNksz Ntombenhle Ndlovu, uthe ushone esendlelen­i eya esibhedlel­a emuva kokudutshu­lwa entanyeni nasesiswin­i.

UColonel Thembeka Mbele wamaphoyis­a KwaZulu-Natal uthe ababoshiwe bathole ibheyili izolo.

“Amaphoyisa asiqaphe ngeso lokhozi isimo eBurlingto­n, Malvern naseShallc­ross ukuqinisek­isa ukuthi abekho abaphula umthetho,” kusho uMbhele.

Ikhansela lendawo, uNksz Samantha Windvogel, uthe ubhalele iNhloko yezokuPhep­ha kuMasipala weTheku, uMnuz Blake Richards, ukuze badingide okuholele ekubulawen­i kukaNdlovu futhi kube nophenyo.

“Kuyishwa ukuthi ngesikhath­i abantu baseNingiz­imu Afrika bekhala ngesigamek­o sokubulawa kwabantu ngesihluku eMarikana sekubulawa omunye eBurlingto­n. Asiyifuni le nto yokuthi onogada badubule ngezinhlam­vu zangempela kubantu abasuke bengahlomi­le. Abantu baseBurlin­gton kudala bephila esimeni esingesihl­e belindele ukwakhelwa izindlu zomxhaso kodwa uhulumeni we-ANC engabanaki­le,” kusho uNksz Windvogel.

Uthe yize bekugxeka ukudliwa komhlaba kodwa uhulumeni we-ANC kufanele afeze isithembis­o sokwakhela abantu imixhaso njengokuba­thembisa kwakhe.

“Sizobonana nomndeni wakwaNdlov­u siyokhalis­ana nawo ngokulahle­kelwa yindodana yawo,” kusho uNksz Windvogel.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa