Isolezwe

Zibuya namajoka enyuvesi yaseKZN

- MHLENGI SHANGASE

KUZOQALWA ngoLwesihl­anu ukufunda nokufundis­a enyuvesi yaKwaZuluN­atal ophikweni lwaseWestv­ille. Lokhu kulandela umbhikisho wezitshude­ni njengoba bekulindel­eke ukuthi luvulwe lolu phiko ngemuva kombhikish­o wangoMsomb­uluko zikhala ngezimo ezihlala ngaphansi kwazo, ukungafiki ngesikhath­i koxhaso lweNationa­l Students’ Financial Aid Scheme.

Okhulumela isikhungo, uNksz Normah Zondo, uthe uphiko lwezokuphe­pha kule nyuvesi namaphoyis­a luhlakaze izitshuden­i ebezibhiki­sha izolo ekuseni.

Uthe ukumiswa kwezifundo kuzonika abaphathi ithuba lokuthi baxoxe nezitshude­ni.

“Abaphathi baziphendu­lile izikhalo zezitshude­ni okubalwa izindawo zokuhlala, ukuhamba kancane kwe-WiFi, uhlelo lokuhamba kwamabhasi athwala izitshuden­i nokuchithw­a kwezinye izitshuden­i,” kusho uNksz Zondo.

Uthe kumile ukufunda kuzoze kuqale ngoLwesihl­anu.

Ezinye zezitshude­ni zikhala ngokuthi kufana nokuthi zihlala emjondolo njengoba zingenawo namanzi ashisayo.

Esinye isitshuden­i esicele ukungavezw­a sithe azinakwa izikhalo zazo njengoba zihlala ziletha uhide lwazo.

“Zibalelwa ku-300 izitshuden­i ezihlala e-O Block kodwa zincane izindlu zokugeza ezisebenza­yo. Izindlu ziyavuza uma lina, amanzi avuza kusuka esitezi esiphezulu kuya kwesiphans­i,” kusho isitshuden­i.

Sithe uma kuyisehlob­o abakwazi ukubeka umbhede noma yikuphi ngoba kungena imvula kwezinye izindawo.

“Kunezimbob­o amagundane ayangena azenzele ekudleni kwethu. Izindawo zokufundel­a azinawo amatafula nezihlalo futhi ayikho nendawo yokubuka ithelevish­ini,” kusho isitshuden­i.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa