Isolezwe

Ithemba lemibiko yezimali engcono komasipala

- INTATHELI YESOLEZWE

UNGQONGQOS­HE wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uthi unethemba lokuthi izoba ngcono imibiko kaMcwaning­i-Mabhuku kuleli, uMnuz Kimi Makwethu yomasipala besifundaz­we.

UNkk Dube-Ncube uthe ujabule ngendlela izimeya ezishintsh­e ngayo ukwenza njengoba nazo zizimisele ngokuguqul­a imibiko yezimali yemikhandl­u yazo.

Izolo uNkk DubeNcube uhlangane nezimeya zemikhandl­u ethole imibiko emibi ngesabelo-mali sika2016/17.

Ingu-15, kwengu-54, imikhandlu yaseKZN engazange yenze kahle ngesabelo-mali esedlule. Ngokombiko kaMawethu imikhandlu eminingi kuzwelonke kayenzi kahle njengoba ithole imibiko emibi kwisabelom­ali esedlule.

Lo mhlangano wayizolo, ubulandela obungoFebh­uwari nawo obubhunga ngesimo sale mikhandlu yesifundaz­we.

“Sinethemba elikhulu ngemiphume­la yokusetshe­nziswa kwezimali kaMcwaning­iMabhuku njengoba izimeya zemikhandl­u engenzanga kahle nazo zizibophez­ele ekuphendul­eni amatafula,” kusho uNkk Dube-Ncube.

Uthe njengomnya­ngo bazibophez­ele ekwenyusen­i isibalo semikhandl­u ethola imibiko emihle.

“Asisafuni ukuthi kube khona imikhandlu ethola imibiko emibi, enye into esifuna ukuyiqeda yilena yokusebenz­isa ngendlela engafanele izimali, sifuna nokubona bethathelw­a izinyathel­o ezinqala labo abenza okuphamben­e emikhandlw­ini yethu,” kusho uNkk DubeNcube.

Uthe izimeya zithi ziya zisebenza zonke izinto ezabalulwa uMcwaningi-Mabhuku athi azizibheke ukuze zilungise amabhuku azo.

“Njengomnya­ngo sichitha isikhathi esiningi ekwenzeni isiqinisek­o sokuthi imikhandlu yethu isebenza kahle. Bonke omasipala sibayalele ukuthi bahambise amabhuku abo ezimali ngesikhath­i,” kusho uNkk Dube-Ncube.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa