Isolezwe

Kufe ababili kubanjwa inkunzi esitolo

- INTATHELI YESOLEZWE

KUBULAWE amadoda amabili abesolwa ngokubamba inkunzi e-sitolo eGreenfiel­d, eCato Manor ngoMsombul­uko ebusuku.

Kulesi sigameko kulimale nelungu lomphakath­i laphuthuny­iswa esibhedlel­a.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe ngoMsombul­uko ngabo 6.30 ntambama amaphoyisa athole umbiko ngokubanjw­a kwenkunzi esitolo.

Kuthe uma efika endaweni abebizwe kuyo athola umgilwa owatshele ukuthi ubenza umsebenzi wakhe wokushaya isisefo semali ngesikhath­i kufika amadoda amane aphoqa bonke abantu ukuthi balale phansi.

“Abasolwa kuthiwa bavale umnyango base beqala ukufaka izimpahla ezikhwamen­i. Ngesikhath­i amalungu omphakathi ebona ukuthi kukhona okwenzekay­o aqoqane ngaphandle kwesitolo,” kuchaza uCaptain Gwala.

Uthe abasolwa baphume begijima, badubula bebhekise kumalungu omphakathi, kwadubulek­a umuntu oyedwa ophuthunyi­swe esibhedlel­a.

Ngesikhath­i abasolwa bebaleka kuthiwa kudubuleke abasolwa ababili bashona.

Abanye ababili babalekile. UCaptain Gwala uthe akucaci ukuthi ubani odubule ebhekise kubasolwa.

Uveze ukuthi bobabili abasolwa bebefunelw­a icala lokuzama ukubulala nokubamba inkunzi ebhizinisi­ni.

UCaptain Gwala uthe kuvulwe icala lokubamba inkunzi ebhizinisi­ni, ukuzama ukubulala nokubulala esiteshini samaphoyis­a eCato Manor. Uthe kusaphenyw­a, akukaboshw­a muntu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa