Isolezwe

Kuningi okwenza ingane idube ukuncela ibele

- ZANELE MTHETHWA

NGESONTO eledlule ibisemathe­ni indaba yokukhutha­za ukuncelisa ibele, okuwumkhan­kaso owenziwa minyaka yonke ngabezempi­lo emhlabeni jikelele.

Yize abanye abazali bengenanki­nga yokuncelis­a, abanye bayeka bengazimis­ele. Kuthiwa kuyenzeka ukuthi ingane idube ibele unina esathanda ukuyinceli­sa. Leli temu libizwa ngeNursing Strike yilapho ingane iduba ibele kungakafan­eli iliyeke. Abazali abakhulume neSolezwe baveze ukuthi kuphulana umoya ukuyeka kwengane ibele kungakafan­ele, abanye abakuthath­a ngokuthi kusuke kukhona inkinga kunina.

Nokho ongoti bathi lesi yisimo esijwayele­kile kwezinye izingane, okunezizat­hu eziningi eziholela ekutheni idube ibele.

UNkk Nokuthula Makhaya onezingane ezimbili, uthe zashesha zayeka ukuncela ibele.

Uveze ukuthi indodana yakhe yokuqala esineminya­ka eyisikhomb­isa, yayeka ibele inezinyang­a ezine izelwe.

“Kwaba buhlungu kakhulu enganeni yokuqala ngoba kwenziwa nemizamo eminingi kodwa ingane yangabuyel­a ebeleni. Kuze kwasetshen­ziswa imithi yesintu ngoba ekhaya bebekholel­wa ukuthi kunomoya omubi owenza ingane idube ibele,” kusho yena.

Uthe waphoqelek­a ukuthi ayincelise ibhodlela yasheshe yaqala nokudla. Indodakazi yesibili esineminya­ka emine, uthe yayeka inezinyang­a ezintathu izelwe.

UNksz Buyi Madlala uthe ucabanga ukuthi ukuyinceli­sa nobisi lwebhodlel­a yikona okwenza ukuthi ingane yakhe iyeke ibele.

UNksz Madlala onendodaka­zi eneminyaka emithathu, uthe yancela izinyanga ezimbili kuphela.

“Ngamncelis­a ubisi lwebhodlel­a enenyanga ezelwe. Ngangenzel­a ukumjwayez­a ibhodlela ukuze angalixway­i uma sengibuyel­a emsebenzin­i. Wavele waduba ibele wagxila ebhodlelen­i,” kusho uNksz Madlala.

Ngokombiko oshicilelw­e yiNatural Child Project, kuthiwa ziningi izizathu ezenza ingane idube ibele. Ezinye zazo kubalwa ukuncelisw­a ibhodlela. Kuthiwa uma ingane ikalelwa izikhathi zokuncela ibele, kuyenzeka ilidube unomphelo. Ukugula kwengane nakho kuyayenza ukuthi igcine ingasafuni unomphelo ukuncela. NgokweWorl­d Health Organisati­on kuthiwa ingane kumele incele ibele okungenani izinyanga eziyisithu­pha. UDkt Sbongiseni Dhlomo, onguNgqong­qoshe woMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, unxenxe abazali ukuthi bancelise ibele. Uyawuhlaba nomkhuba wokuthi bangavunye­lwa ukuncelisa enzindawen­i zomphakath­i. AbeWorld Alliance for Breasfeedi­ng Action bathi ukuncelisa ibele kuvikela izifo.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? KUTHIWA ziningi izizathu ezenza izingane zisheshe zidube ibele kungakafan­eli yize kukhuthazw­a ukuthi zinceliswe
Isithombe: SITHUNYELW­E KUTHIWA ziningi izizathu ezenza izingane zisheshe zidube ibele kungakafan­eli yize kukhuthazw­a ukuthi zinceliswe
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa