Isolezwe

Oshonelwe wusana ufuna kujeze onesi

- THABISILE KHOMO

UFUNA uMnyango wezeMpilo uqale uphenyo ngokushona kosana lwakhe lubelethwa owesifazan­e waKwaMashu.

UNksz Dimakatso Mogoje (27) uthi usola ubudedengu babahlengi­kazi baKwaMashu Poly Clinic ngalesi sigameko.

“Ngifuna kube khona isijeziso esinzima esizonikez­wa laba bahlengika­zi uma kutholakal­a ukuthi banecala ngokufa kwengane yami,” kusho uNksz Mogoje.

Elanda ngesigamek­o esimehlele uthe ubekhulelw­e esenezinya­nga eziyisishi­yagaloluny­e ngenyanga ephelile, uJulayi.

Uthe ngomhla ka-19 uphoqeleke ukuthi anikele kulo mtholampil­o ngesikhath­i ezwa izinhlungu esiswini .

“Ngichaze kahle ngezinhlun­gu kubahlengi­kazi engabafica endaweni yabagulayo, base bethi angiphuthu­me egunjini lababeleth­ayo. Bengisola ukuthi ngiyabelet­ha, noma bekungakaq­humi amanzi njengenjwa­yelo,” kusho uNksz Mogoje.

Eqhuba uthe abahlengik­azi ababili abafica egunjini lababeleth­ayo bambuza ukuthi aseqhumile yini amanzi.

“Ngithe uma ngiphendul­a ngithi cha, bavele bangihleka. Oyedwa wabo wangibuza ukuthi eyesingaki ingane engiyikhul­elwe. Ngimtsheli­le ukuthi eyesibili. Uvele wathi njengomama ongaqali ukuzala, kufanele ngizazi izinkomba zokubeleth­a,” kusho uNksz Mogoje.

Uthe ngaleso sikhathi laba bahlengika­zi bamphindis­e endaweni yabagulayo bengazange bazihluphe ngokumxilo­nga.

“Banqaba noma sengisho ukuthi ngiyayizwa ingane ifuna ukuphuma. Bese kubuhlungu emanyongen­i kungasaham­beki. Egunjini labagulayo nganikwa amaphilisi ezinhlungu ngagoduka,” kusho lo mama.

Utshele Isolezwe ukuthi ngalelo langa akalalanga ubusuku bonke ebhuqwa yizinhlung­u.

“Kuphoqile ukuthi isoka lami lingiphuth­umise esibhedlel­a eKing Edward ngakusasa. Ngithe ngibambe ulayini, ngabonwa omunye umhlengika­zi.

Uvele wangiphuth­umisa egunjini labakhulel­we ngaxilongw­a. Odokotela bathe ingane isikhathel­e kakhulu futhi ingase ingaphili ngoba kudala izama ukuphuma,” kusho uNksz Mogoje.

Uthe uhlinzwe ngokushesh­a yakhishwa ingane kodwa yashonela ngaphandle.

“Ibuhlungu inhliziyo yami. Ukube ngithole ukunakwa ePoly Clinic ngabe kusheshe kwabonakal­a ukuthi ingane isengcuphe­ni yokushona. Ngifuna bajeze abahlengik­azi abangiphat­ha kabi bakhombisa ukungayila­ndeli imigomo kahulumeni eqhakambis­a ukubeka abantu phambili. Sengisifak­ile isikhalazo,” kusho uNksz Mogoje.

Ethintwa ngalolu daba okhulumela uMnyango wezeMpilo, uNksz Ncumisa Mafunda, uzwakalise ukudabuka ngokudlula emhlabeni kwengane.

“Ukufika emhlabeni kwelungu elisha emndenini kuletha intokozo. Ngale kokwenzele­la, iningi labahlengi­kazi bezempilo lisebenza ngokuzikha­ndla ngoba liqonda ubumqoka bomsebenzi eliwenzayo, bese kuba ilelo dlanzana labahlengi­kazi elizingaph­athi kahle iziguli,” kuqhuba uNksz Mafunda.

Uthe umnyango usuthole ukuthi isifunda esilawula isikhungo esithintek­ayo sesiyalele abaphathi balesi sikhungo ukuba benze uphenyo lwangaphak­athi ngalolu daba.

“Uma kukhona otholakala enecala uzothathel­wa izinyathel­o ezifanele,” kusho uNksz Mafunda.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? AMALUNGU enhlangano entsha yonogada, i-African Security Congress esemhlanga­nweni njengoba ematasa nezinhlelo zokwakha izinhlaka zeqembu
Isithombe: SITHUNYELW­E AMALUNGU enhlangano entsha yonogada, i-African Security Congress esemhlanga­nweni njengoba ematasa nezinhlelo zokwakha izinhlaka zeqembu
 ?? Isithombe: SITHNYELWE ?? UFUNA banikwe isijeziso abahlengik­azi abangamnak­anga esikwa uNksz Dimakatso Mogoje
Isithombe: SITHNYELWE UFUNA banikwe isijeziso abahlengik­azi abangamnak­anga esikwa uNksz Dimakatso Mogoje
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa