Isolezwe

Onogada basungule inhlangano yabo yezombusaz­we

- MLUNGISI GUMEDE

ONOGADA sebesungul­e inhlangano yabo yezombusaz­we abazongene­la ngayo ukhetho lukazwelon­ke ngonyaka ozayo.

Le nhlangano, i-African Security Congress (ASC), esungulwe ngo-2017, kumanje ithi isinamalun­gu angu-285 000, kuzwelonke.

UMxhumanis­i we-ASC KwaZulu-Natal, uMnuz Delani Phewa, uthe bathathe isinqumo sokuthi bazisungul­ele inhlangano yabo yezombusaz­we ngoba bebona ukuthi alikho iqembu lezepoliti­ki elizimisel­e ngokulwela izimfuno zonogada.

“Imboni yonogada ibukelwa phansi ngoba kuthiwa inabantu abangafund­ile akekho ofuna ukuzihlang­anisa nayo kodwa ibalulekil­e njengoba iyingxenye yezokuphep­ha kwezwe,” kusho uPhewa.

Uthe bafuna ukuthi wonke umuntu ongunogada ezweni athathe ubulungu enhlanganw­eni yabo ukuze bakwazi ukuthola amavoti enele ukuthi bangene ePhalamend­e.

“Imboni yonogada inabantu abangu-5 million, uma bonke onogada bengasesek­a singakwazi ukuthola izihlalo ezimbalwa ePhalamend­e ukuze sikwazi ukulwela izimfuno zabo,” kusho uPhewa.

Uthe bona abangeneli ukhetho ngoba befuna ukuphatha izwe kodwa bazimisele ngokuphucu­la imboni yonogada.

“Onogada bayahlukun­yezwa emisebenzi­ni akekho obakhulume­layo.

“Yithina esifa kuqala kunamaphoy­isa uma kubanjwa inkunzi.

“Sigadiswa nemali okubeka engcupheni impilo yethu mihla namalanga kodwa uma sifa asinxeshez­elwa. EMoses Mabhida kudlala iKaizer Chiefs kushaywa onogada kanzima, akekho noyedwa umuntu owayezwaka­lisa ilaka lakhe ngalokho kodwa ukube ngamaphoyi­sa ashaywa ngabe kwaba nomsindo omkhulu ezweni,” kusho uPhewa.

Uthe basungule inyunyana ezohambisa­na neyonogada, iTrade Union of Security Industry of South Africa (Tusisa) ngoba bayazi ukuthi iqembu lezombusaz­we ukuze lisebenze kahle lidinga ukwesekwa inyunyana.

“Inyunyana yethu ilwela amalungelo onogada nalabo abenza umsebenzi wokuhlanza izindawo. Sifuna ukuthi uhulumeni imboni yonogada ayifake ngaphansi kwakhe iphele indaba yamathenda nezinkonti­leka ngoba zicindezel­a abantu,” kusho uPhewa.

Uthe bafuna onogada bahole imali enguR8 500 ngenyanga hhayi lawa makinati abanikwa wona.

“Sizimisele ngokuthi kuthi kufika ukhetho lukazwelon­ke ngonyaka ozayo sibe sesinamalu­ngu angaphezu kwesigidi,” kusho uPhewa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa