Uze noguquko olubonakalayo ku-ECR
KUSEKUSENI ngisemgwaqweni uRuth First Highway (M4), eThekwini, amabombo ngiwabhekise eMhlanga. Kungena ucingo, “Fanele,” kubingelela oshaye ucingo, “usakhumbula ngengxoxo onayo noBoni Mchunu?”
Ngenhlanhla iselula ngiyixhume ngeBluetooth emotweni nokwenza kube lula ukuthi ngikhulume nayo ngingayibambile. Ngiyamtshela ukuthi ngiyikhumbula kahle futhi empeleni ngisendleleni. Uyabonga uvala ucingo.
Nami ngisuke kusekahle ngoba angifuni ukufika sengitatazela. Siyangena ezindlini zomsakazo ze-East Coast Radio (ECR), bayasamukela futhi basithatha basihlalisa egunjini lokubamba imihlangano. Sisalindile sinikezwa amanzi okuphuza.
“Nize kimina?” kubuza uBoni elunguza emnyango.
Siyavuma futhi siyazethula. Nebala uhlala phansi bese siqala ingxoxo yethu.
UBoni usebe ngumphathi we-ECR kusukela ngo-2015.
“Incwadi yami yokuqashwa yayithi ngiqala ngo-Agasti 1 kodwa kwakuyimpelasonto ngabe sengiqala ngomhla ka-3. Akukaze kube lula, kube nezingqinamba eziningi ezingafani,” kusho uBoni.
“Ngesikhathi ngijoyina kube noshintsho ngendlela abalaleli bomsakazo ababalwa ngayo. Lokho kwaba nomthelela omubi emisakazweni eminingi engenisa inzuzo. Kwaba yinto enkulu kimi ukuthi ngithi ngifika izibalo zibe sezibukeka ngaloluya hlobo.”
Uthe manje izibalo zabalaleli zikhule ngo16% uma kuqhathaniswa nezangonyaka odlule. Uthe futhi eminyakeni emibili yokuqala bathwale kanzima ukwenza inzuzo ababeyifuna kodwa uyaziqhenya ngokuthi ngonyaka odlule ababekuhlosile bakudlule ngo-1%.
Kulo nyaka-zimali oqale ngoJulayi uthe inhloso yabo wukukhulisa isibalo sabalaleli ngo-10% okumanje, ngokweBroadcast Research Council of South Africa, sihleli ku-1 033 000.
“Enye into enkulu kimi wukuthi njengeEast Coast Radio sidle umhlanganiso ngokuba yinkampani ehamba phambili ukuyisebenzela ngesikhathi uDeloitte enza ucwaningo.”
Uthe umculo wabo abawudlalayo useqophelweni eliphezulu yingakho abantu bebalalela, into abayikhulumayo benza isiqiniseko sokuthi ithinta abantu, igqugquzela iphinde ibe mnandi futhi ibathuthukise.
Ngaphambi kokujoyina umsakazo ubesebenza eMnyangweni wezokuVakasha KwaZulu-Natal njengoba eneziqu zokukhangisa, wasebenza kwaUnilever nasebhange kwa-Absa.
“Unyaka wami wokuqala kwakunzima kodwa into engiziqhenya ngayo wukuthi ngiyashesha ukujwayela. IKasigo Media (abanikazi be-ECR) inginikeze ithuba lokuthi ngifunde. Bengikhuluma kancane kodwa izindlebe zami ngizivulile. Ngifunde okuningi. Ngeke usangitshela lutho ngomsakazo manje. Ngibe nenhlanhla yokuthola ithimba elingesekayo.”
UBoni odabuka eMbali, eMgungundlovu, uthe umsakazo yinto akhule eyithanda futhi ngaleso sikhathi isadlala ngebhethri elalishajwa elangeni.
Unodadewabo abathathu kanti yena ushade noMvelo ababusiswe ngezingane ezintathu naye okungubafana u-Andiswa noZiyanda nentombazane uKhanya. Uthe ukhuliswe wuyise ngemuva kokushona kukanina besebancane.
“Ubaba wayesifundisa ngokubaluleka kwemfundo, yingakho ngiyithanda. Wayethi uma udoja manje kumele ubhekane naleso sinqumo sakho kusasa. Ngiyamthanda uMandela uma ethi imfundo yisona sikhali esingasisebenzisa ukushintsha umhlaba.”
Ngaphansi kobuholi bakhe i-ECR iqashe umakadebona kwezokusakaza uPhat Joe ukuba ethule uhlelo lwantambama kanti manje lolo hlelo lwenziwa nguBongani Mtolo noMags.
“Uma ubheka isibalo sabantu KwaZulu-Natal, u-85% wabo ngabamnyama. I-ECR yisiteshi sesifunda. Uma uphethe ibhizinisi elingakhulumi nabantu abaningi, kimi akuwenzi umqondo. Sibonile isibalo sabantu abamnyama abasilalelayo sikhula ngendlela eyisimanga. Njengamanje sihleli ku-33%. Siyaziqhenya ngalokho. Iqhinga esilifakile liyasebenza. Yingakho ngesikhathi ngidedela uPhat Joe ehamba isikhala sakhe sasivala ngoBongani. Kubalulekile ukuthi esikunikeza abantu kubhalanse. Kumele sibhekele umgogodla wabalaleli bethu okungabelungu namaNdiya futhi kumele sibhekele nesibazuzayo okungabamnyama. Sisakazela wonke umuntu eKZN.”
Kwasuka okukhulu ukukhuluma kubantu ngendlela uPhat Joe ayesakaza ngayo. Waziwa njengomuntu ongenqeni ukukhuluma nanoma ngabe yini esemqondweni wakhe.
“Sasifuna abantu bakhulume ngesiteshi nokuyinto ayenza. Kodwa mhlawumbe wadlulela nokuyinto engasebenzanga. Yingakho ngingayivuselelanga inkontileka yakhe.”
Emasontweni edlule, kuvele isitatimende sokuthi uBongani uyasula ngenxa yokungenami ngomholo. Ubuye washaya ungqimphothwe wasayina inkontileka entsha.
“Kwakunezinto esasingavumelani ngazo wabe esenquma ukuthi mhlawumbe kunamathuba angcono ngaphandle kwase-East Coast Radio. Mina noZane Derbyshire, ongumphathi wezinhlelo, sasifuna ukuthi ahlale. Ngokwami ngicabanga ukuthi wenza kahle. Sazama ukumncenga ukuthi ahlale kodwa sayivuma incwadi yakhe yokusula. Umkakhe mhlawumbe wambonisa kangcono, nami siqu sami ngakhuluma naye noZane wakhuluma naye, ekugcineni wasitshela ukuthi uyayihoxisa incwadi yakhe yokusula. Sasijabule ngoba lokhu kwakusho ukuthi kumele sithole omunye umuntu. Kwakuzoba nzima. Wonke umuntu ujabule ngokuthi ukhona.”
Izinhlelo zakhe zangomuso wukuthi ufuna i-ECR kube yiyo ehamba phambili esifundazweni.
UBoni uphethe ngokukhuluma nabesifazane ngokuthi bayeke ukuhudulelana phansi esikhundleni sokuthi bafukulane.
“Singabesifazane sizalwe singabaholi. Nasemabhizinisini kumele kucace lokho. Asikusukumele esikholelwa kukho. Masingazami ukuzenza abesilisa. Abantu bahleli ebudlelwaneni nasemsebenzini ngoba abanalo elinye iqhinga. Imfundo ikunika amandla futhi iyakukhulula. Asifunde bese sisebenza kanzima.”