Isolezwe

Awanqandwe amakhosi acindezela amalungelo

-

SISENYANGE­NI u-Agasti yokuqhakam­bisa abesifazan­e eNingizimu Afrika kepha zilokhu zivele njalo izenzo nezigigaba ezibacinde­zelayo nezibahluk­umezayo.

Esinye sazo ngesodaba esibike ngalo lowesifaza­ne waseMsinga obhekene nenhlawulo enkantolo yesizwe sabaThembu, izolo obekulinde­leke ukuthi abuyele khona esigodini sakwaNgubo, eMsinga.

Icala lakhe ngelokuthi wakhumula inzilo yokushonel­wa wumyeni wakhe ngesikhath­i sasehlobo.

Ngokusho kwenkosi uSiphamand­la Mthembu, okwenza kube yicala ukukhumula inzilo ngesikhath­i sasehlobo wukuthi isizwe sabaThembu kasiyithin­ti inzilo ehlobo kodwa kukhunyulw­a ebusika kuphela.

Amakhosi njengabaho­li bomphakath­i banemithet­ho nezindlela ababusa ngako, lokhu sikuqonda kahle.

Siyakuqond­a futhi nokuthi eNingizimu Afrika izwe lonke – emakhaya nasemadolo­bheni – lilawulwa wuMthethos­isekelo, wona ogcizelela ukuthi umuntu nomuntu unelungelo lokuzikhet­hela.

Kungalesi sizathu sikubona kuwukucind­ezela ilungelo lalo wesifazane lokuzikhet­hela.

Sikubona futhi kunesimo sokugxambu­kela ezindabeni zemindeni ngoba imindeni ihluka ngemikhuba futhi iba nezizathu ezehlukene eziyiphoqa ukuba yenze izinto ngesikhath­i esithize.

Izinqumo ezinjengal­ezi sibona zisibuyise­la emuva singabantu abamnyama, ikakhuluka­zi abantu besifazane.

Embikweni wethu, isazi samasiko, uSolwazi Jabulani Maphalala, sikucacise kahle ukuthi ukuzila nokukhunyu­lwa kwayo wudaba lomndeni kuphela okungamele kugxambuke­le kulo abanye abantu.

Siyethemba ukuthi uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu KwaZuluNat­al nezinye izinhlaka zobuholi bendabuko kuzongenel­ela kulolu daba ukuze lingacinde­zelwa ilungelo lalo wesifazane nomndeni wakhe lokuzikhet­hela futhi kungabi khona ukugxambuk­ela okungenasi­dingo ezindabeni zomndeni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa