Isolezwe

Ukwakha umnotho kudinga ukuthi kungene imali njalo

SIKHULA NGOMNOTHO

- Kuloba uMfundo Dzanibe

AKE ucabange nje kuthiwa unomshini wokukhanda imali. Ungayisebe­nzisa kanjani? Ungabelana yini nabanye abantu bomndeni noma abantulayo? Kuyiphupho labantu abaningi ukuba nemali engapheli. Abanye baphupha ngokuwina i-lotto becabanga ukuthi impilo yabo ingashints­ha. Inkinga wukuthi izigidi ze-lotto ziyaphela uma lungekho uhlelo lokuthi ziqhubeke zande. Nomshini wemali ungadinga amaphepha, u-inki nokunye kokwenza imali. Ngaphezu kwalokho kungafanel­e uwuqaphe ngeso lokhozi ngoba ngeke ziwuyeke izinswelab­oya.

Iqiniso wukuthi asikwazi ukuba nomshini wokukhanda imali, wuhulumeni kuphela owengamele ukwenziwa kwayo. Kodwa-ke akuwona umshini esiwudinga­yo kepha sidinga izindlela zokufaka imali. Indlela esobala yikhona ukuqala ibhizinisi nokutshala imali ukuthi yenze enye inzuzo. Kubaluleki­le lapha ukugcizele­la ukuthi akulona nje noma yiliphi ibhizinisi esingalifa­nisa nomshini wokukhanda imali. Okunye ukuthi leli bhizinisi kufanele lifake imali ngendlela efanayo njalo, lokhu okubizwa ngeannuity income. Isibonelo kungaba yibhilidi eliqashwe amabhizini­si akhokha irenti njalo ngenyanga. Kungaba umshini noma imoto yokusebenz­a eqashwe yinkampani enkulu ekhokha njalo ngenyanga. Okubalulek­ile wukuthi kube nemali okunesiqin­iseko ukuthi izongena njalo emuva kwesikhath­i esithile. Akudingeki­le ukuthi kuze kube yimali efanayo njalo kodwa uma nje kunesiqini­seko sokuthi izongena. Nakhona ekutshalen­i imali ungakhetha ukuthi kube nenzalo oyithola njalo yize ivame ukuba ncane. Ngokwandis­a izindlela zokufaka i-annuity income ngeke kwahluka ekutheni unomshini wemali.

Okufanele sikuphenyi­sise wukuthi sikwazi kanjani ukuzakhela izindlela zokuthi kulokhu kungena imali. Impendulo elula wukuthi kufanele sithenge izinto ezizofaka imali njalo. Umbuzo osalayo wukuthi sizithenga kanjani? Kukabili, okokuqala wukuthi ube nesamba semali uthenge ngaso impahla yokwenza imali. Okwesibili wukuthi uhlanganye­le nabanye abantu nithenge izinto. Ithuba elivamile njengamanj­e wukuthenga izindlu noma amafulethi eduze kwamanyuve­si ukuze kuqashe abafundi. Ilinganise­lwa ku-300 000 kuya ku-500 000 imibhede eshodayo emanyuvesi nezinye izikhungo eziphakeme zemfundo. Yevile kuR1billio­n ngonyaka imali engenziwa kulo mkhakha. Kulindelek­e ukuthi bande abafundi abazokheth­a ukuhlala eduze namanyuves­i ngenxa yemfundo yamahhala eyamenyeze­lwa uhulumeni. Lokhu kwenza ukutshala imali kulezi zakhiwo kube yithuba elihle le-annuity income. Sezikhona-ke izinkampan­i zokutshala imali ezihlangan­isa abantu ukuze bafake kuleli thuba. Ezinye zalezi zinkampani ze-property syndicatio­n zibhaliswe kwiJSE lapho zibizwa ngamaREITs kanti ezinye zizimele.

Ngeke ngapheza-ke ukuxwayisa abantu ukuthi akuzona zonke izinkampan­i eziqondile. Lokhu kusho ukuthi kufanele siqaphele njalo uma sifuna ukutshala imali ngoba amathuba okwenza imali abiza amaqola. Akufanele kodwa sigweme amathuba okuzakhela umnotho ngenxa yalokho.

Okuhle ngokutshal­a imali ngokuhlang­anyela wukuthi awudingi ukuthi uze uyeke umsebenzi. Okunye wukuthi uyakwazi ukuzikheth­ela ukuthi le mali oyithola njalo uyayithath­a noma uphinde uyitshale. Kodwa ayikho inkinga uma unezinhlel­o eziphusile ofisa ukuzifeza ngemali yenzalo, kungabi nje ukuyichith­a.

Okunye okuvamile ngokutheng­a izindlu uqashise wukuthi uyakwazi ukuboleka imali ebhange bese usebenzisa irenti ukukhokha njalo ngenyanga. Lokhu kudinga ukuthi ube nobudlelwa­ne obuhle nebhange futhi kube nemali oyibekile yokuhlephu­la neyokukhok­hela ukubhalisw­a kwendlu egameni lakho. Kufanele ucabange futhi ukuthi uzokhokha ngani ngesikhath­i bengekho abaqashile. Yize kungelula njengoba abaningi becabanga kodwa kunenzuzo uma usufundile. Ungenza into efenayo ngokutheng­a amaloli aqashwe emafemini noma ezinye izinto bese ukhokhela ibhange ngemali yerenti. Akusho ukuthi kufanele uzame wedwana kodwa ungahlanga­na nabanye nenze into efanayo.

Ukuphupha ngokuba nomshini wokukhanda imali noma ukuwina izizumbulu akuyona indlela yokuhlela ukuzakhela umnotho. Kodwa izinto ezifaka imali njalo ngenyanga ungazisebe­nzisa ukuzakhela umnotho ngesikhath­i uqhubeka neminye imisebenzi. Ngisho noma ngabe unemiseben­zi ekufakela isamba kuyasiza ukuba nemali engenayo njalo noma ngabe incane. Inhloso kufanele kube wukuthi izinto zifaka imali eyanele ukubhekana nezidingo zakho wena ungayithin­ti imali oyiholayo. Kungenjalo ungaqhubek­a uyitshale imali yerenti ukuze yenze inzalo noma ithenge okunye ngokuhamba kwesikhath­i.

Sishayele ku 031 829 5820 noma uthumele uWhatsApp/ sms ku-083 354 8794. Thola ulwazi oluphangal­ele ku www. ubuntuweal­th.co.za. Hheshe!

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa