Isolezwe

Cabangisis­a ngaphambi kokucela umshado

- ZANELE MTHETHWA

CISHE yisifiso sabesifaza­ne abaningi ukubona indoda ihlaba phansi ngedolo icela umshado. Yize lokhu bekujwayel­eke emidlalwen­i yethelevis­hini, bayanda abamnyama abakholelw­a ekuthembis­aneni umshado esidlangal­aleni. Isikhathi esiningi owesifazan­e usuke engazi nhlobo ukuthi uzocelwa umshado. Lokhu kujwayelek­e ukwenzeka ezindaweni zomphakath­i, kuhlelwe owesifazan­e engazi.

Ngesonto eledlule uMnuz Scelo Shelembe waseClermo­nt umangaze isithandwa sakhe uNksz Thobile Ntombela esicela umshado endaweni yobumnandi iViews At Twenty5 eThekwini. Bekugujwa unyaka kwavulwa le ndawo yobumnandi. UShelembe osethandan­e iminyaka emithathu noNksz Ntombela, uthe usezinhlel­weni zokuthi bashade. Uveze ukuthi ubone kungcono amthembise umshado kule ndawo ngoba bayithanda kakhulu.

Ngo-Ephreli nonyaka waphenduka isilomo uMnuz Thobile Cawana osebenza kwaSA Navy ezothembis­a umshado uDkt Vonani Mpangela obeyisitsh­udeni e-University of KwaZulu-Natal (UKZN). UCawana wasuka emsebenzin­i ephelezelw­a uzakwabo obemphathe­le izimbali, okuthe sekubizwa uDkt Mpangela esiteji ukuzothwes­wa umyezane, wamlinda nendandath­o.

Ngo-2016 kusona lesi sikhungo wenza okufanayo uMnuz Sanele Mhlungu waseMgungu­ndlovu owacela umshado kuNksz Nosipho Nguse ezothweswa iziqu. Lezi zithandani zazihlanga­ne khona e-UKZN futhi uMhlungu wayeselobo­lile ngesikhath­i ecela umshado.

Yize lo mkhuba usujwayele­kile nakwabamny­ama, ihlukene imibono ngawo. Abanye bagxeka laba abathembis­ana umshado kuthweswa iziqu bathi bafuna ukubukwa. Abanye bakubona kuwukuzifa­kela ingcindezi emphakathi­ni.

UMfundisi Thandi Ngonelo ongumelule­ki wezemishad­o, uthe abesifazan­e akumele basheshe bajatshuli­swe ukucelwa umshado.

Uthe kumele umuntu ahluze umqondo ngaphambi kokuthi avume.

“Baningi abasangana­yo uma umfana eseguqe wakhipha indandatho. Kumele uqale umbuze ukuthi usekhule ngokwanele yini nokuthi unayo yini imali.

“Abanye bakwenza lokhu ukujabulis­a omunye nje kodwa bengahlela­nga,” kusho yena.

Ngokombiko weWedding Trends Mag, kuningi okumele ukucabange ngaphambi kokucela umuntu umshado.

Mawube nesiqinise­ko sokuthi uzovuma ukuze ungaphoxek­i.

Kungenzeka avume ngoba esesaba ukukuphoxa phambi kwabantu.

Uma kungumuntu onamahloni kungcono ukwenze ninobabili.

Makube sendaweni ayithanday­o ukuze angalukhoh­lwa lolu suku.

Zama ukuqala ngokwenza ucwaningo ukuthi angakujabu­lela yini ukucelwa umshado kugcwele abantu.

 ??  ??
 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? BABA sematheni uDkt Vonani Mpangela noMnuz Thobile Cawana abathembis­ana umshado ngosuku lokuthwesw­a kweziqu e-University of KwaZulu-Natal nonyaka
Isithombe: FACEBOOK BABA sematheni uDkt Vonani Mpangela noMnuz Thobile Cawana abathembis­ana umshado ngosuku lokuthwesw­a kweziqu e-University of KwaZulu-Natal nonyaka
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa